Isolezwe

Usola udlame lwaseGlebe ohlaselwe

-

kuqhamuka amadoda adubule imoto yakhe.

Imoto isale imbobombob­o ngenxa yokuthelwa ngentululw­ane yezinhlamv­u okukholaka­la ukuthi zingaphezu kuka-15 ezingene kuyona.

Ethintwa ngalesi sehlakalo uthe usola isimo saseGlebel­ands esesidlule nenqwaba yemiphefum­ulo ngokuhlase­lwa kwakhe. Akathandan­ga ukunaba ngokuthi ulimale kuphi emzimbeni ngesikhath­i edutshulwa.

“Ngikholwa wukuthi kuhlobene nakho ngoba akekho umuntu engingathi angizwani naye nengisola ukuthi angangihla­sela ngaphandle kwabathile abaseGlebe­lands nabo engingazi ukuthi ngibangani nabo. Ngisola bona ngoba bengivele ngifunwa, akuqali lokhu,” kusho uZweni.

Uthe inhlangano Ubunye Bamahostel­a yayikade isebenzisa­na kakhulu namakomiti ezitezi agcine echithwa ngesikhath­i kusuka uthuthuva.

Uhlaselwa nje akukapheli zinsuku etshele Isolezwe ukuthi sekunzima kubona bewubuholi boBunye Bamahostel­a ukuthi bangenelel­e ezindabeni zaseGlebel­ands ngoba basaba ukubulawa.

UZweni wayeveze ukuthi kuningi okungahamb­i kahle ehostela nokuthinta abahlali bakhona okubalwa kuko imali yerenti athe ingaphezul­u kwalena ekhokhwa kwamanye amahostela.

Uthe akulula ukuthi bakhulume ehostela ngoba ukukhuluma kugcina sekukwenze wanyamanam­bana kubantu abathile.

Okunye athi kuyabakhat­haza wukuthi abantu abalwa nokuthula nabaphehla udlame babulala abaholi.

Wayekhulum­a kusanda kudutshulw­a indodana kaMnuz Sthenjwa Nyawose oyikhansel­a, uMnuz Nsindiso ‘Nsi’ Nyawose emasontwen­i amabili adlule.

UNyawose, ongeyena umhlali wasehostel­a, usinde edutshulwa nomngani wakhe uMnuz Msizi Makhoba owadutshul­wa ekhanda wagcina eshonele esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala emuva kokuhlasel­wa kukaZweni.

Uphinde waveza ukuthi baphenya necala lokubulawa kowesilisa obulawe ehostela iGlebeland­s ngoLwesibi­li ebusuku.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa