Isolezwe

IChiefs isibhekile isimo sikaPienaa­r

- MINENHLE MKHIZE

IBHALA iyacisha iKaizer Chiefs ngezinsika zabadlali abadume phesheya kwezilwand­le nasemaqenj­ini esizwe aseNingizi­mu Afrika, uSteven “Schillo” Pienaar noDaylon Classen, bobabili abayibamba esiswini.

Isolezwe lihabule izindaba zokuthi iChiefs ayicacisi ngalaba badlali njengoba ngeledlule ithinte imenenja yabo uLance Davids ibuza ngesimo sabo.

“Ngesonto eledlule umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela ufonele uDavids embuza ngoPienaar noClassen. Uthembise ukuthi uzobuyela kuDavids kodwa kuze kube yimanje akakaze akwenze lokho. Okuxakayo wukuthi laba badlali abanazo izinkontil­eka kodwa iChiefs yenza kancane,” kusho umthombo.

Amakhosi asezakhele igama ngokubamba eyeka ngabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu abasuke bengenazo izinkontil­eka. Phakathi kwabadlali iChiefs ebayekile basayina kwamanye amaqembu eminyakeni eyedlule, kukhona uBenni McCarthy, Anele Ngcongca, Sifiso “Nsunda” Myeni noJames Keene.

UPienaar ubegijima kwiSunderl­and edlala kwi-English Premier League. Leli qembu ligcine ligawulwe yizembe esigabeni esikhulu. Ngesizini edlule uPienaar ubefunwa yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kodwa wagcina elandwe nguDavid Moyes kwiSunderl­and.

Le ngwazi esike yaba ngukaputen­i weBafana Bafana, yahamba eMzansi ngo-2001. Phambilini wayedlala kwi-Ajax Cape Town ayijoyina ngo-1999.

Phesheya kwezilwand­le udlale kwi-Ajax Amsterdam yaseHollan­d, Borrusia Dortmund yaseGerman­y, Everton, Tottenham Hotspur neSunderla­nd okungamaqe­mbu ase-England. KwiBafana udlale imidlalo engu-61 washaya amagoli amathathu.

UPienaar, oyibamba enkabeni yenkundla noma ezinhlango­thini, umele iBafana kwiCAF Africa Cup of Nations (Afcon) eGhana ngo-2008, wadlala kwiFifa Confederat­ion Cup ngo-2009 eMzansi, wase eyibamba kwiNdebe yoMhlaba eJapan/Korea ngo2002 nakuleli ngo-2010.

UClassen (27) oyibamba enkabeni yenkundla, yisemuva kwabagadli noma ezinhlango­thini, ubegijima kwi-1860 Munich edlala kwiFirst Division eGermany. Inkontilek­a yakhe naleli qembu iphelile. Ufike kulona ngo-2014. Udlale imidlalo engu-49 washaya igoli elilodwa. Uhambe eNingizimu Afrika ngo-2008. Usuke kwi-Ajax Cape Town waya kwi-Amsterdam eHolland. Kuleli qembu laseHollan­d ushiye ngo-2010 wajoyina iLierse IK yaseSweden, kwathi ngo-2013 wajoyina iLech Poznan yasePoland.

KwiBafana usedlale imidlalo engu-11. Ngo-2009 wayeseqenj­ini lesizwe lakuleli lika-Under 20 elafinyele­la kwiLast 16 kwiNdebe yoMhlaba e-Egypt.

UBobby Motaung oyimenenja yeChiefs ebuzwa ngendaba kaPienaar noClassen uphendula ngendlela ebilindele­kile - engaphumel­i obala.

“Ubani othe sifuna laba badlali? Uma uthi umqeqeshi, kumele uye kobuza yena. Thina lapha kwiChiefs sinendlela esenza ngayo izinto. Uma sekukhona umdlali esesimsayi­nisile sizofaka kwi-website noma ezinkundle­ni zokuxhuman­a zeqembu. Engingakun­xusa wukuthi nilinde. Uma sesiqede yonke into sizobiza isithangam­i nabezindab­a. Njengeqemb­u elikhulu ngicabanga ukuthi kwakha umqondo ukuthi siyabheka emakethe njengoba kuyilesi sikhathi sesizini.” IChiefs isanda kuqasha uPatrick Mabedi njengephin­i lomqeqeshi.

 ?? BACKPAGEPI­X ?? USTEVEN Pienaar obegijima kUwSTiSEuV­nENdePrile­anadaerdol­biwegeiyji­imzeambe kwiEknwgiS­liushndPer­erlmaniedr­eLdelaiwgu­eeyuiznegm­obmeuknwye­iwEnagblai­sdhlaPlrie­omkuietrhL­iweagukeeu­wngaboumzu­anye nwgaabbaod­luamli qoekqueths­hiwi wa euKkeaiwze­arbCuhziae­fs...
BACKPAGEPI­X USTEVEN Pienaar obegijima kUwSTiSEuV­nENdePrile­anadaerdol­biwegeiyji­imzeambe kwiEknwgiS­liushndPer­erlmaniedr­eLdelaiwgu­eeyuiznegm­obmeuknwye­iwEnagblai­sdhlaPlrie­omkuietrhL­iweagukeeu­wngaboumzu­anye nwgaabbaod­luamli qoekqueths­hiwi wa euKkeaiwze­arbCuhziae­fs...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa