Isolezwe

Intatheli yezezimoto kwawomland­o

- INTATHELI YEZEZIMOTO

INGASE ingene emabhukwin­i omlando eGuinness World Records intatheli yezezimoto yeThe Star, uJesse Adams ngoku-drifter imoto ibanga elide emhlabeni jikelele.

U-Adams, obhalela iphephanda­ba elinguzakw­abo weSolezwe, ukwenze lokhu kwi-skidpan esimanzi eGerotek, ePitoli, ngoMsombul­uko.

Wenze ibanga lika-168.5km nama-laps angu-1000 esikhathin­i esingamaho­ra amahlanu nemizuzu engu-45. Ubehamba ngeToyota 86.

Osekusele manje wukuthi lokhu kuqiniseki­swe ngabeGuinn­ess World Records. Irekhodi elikhona elisemthet­hweni liphethwe nguHarald Müller waseGerman­y owenza u-144.125km kwi-skidpan eTurkey ngo-2014. Naye wayehamba ngeToyota 86.

Ebuzwa ukuthi uzizwe kanjani u-Adams uthe ufuna ukuyolala. Uthe ufuna ukugeza emanzini ashisayo bese eqonda embhedeni.

“Kube nesikhathi lapho ngakwi-lap ka-600 ebengizimi­sele ngokuma. Bengingaca­bangi ukuthi ngizokwenz­a kodwa ngikwenzil­e futhi bengingenz­a amanye angu-200,” kusho u-Adams.

Umhleli womcimbi u-Adrian Burford uthe umangele futhi ujabule ngalokhu.

“Ngesikhath­i siqala ngicabange ukuthi kuzoba yinto enzima ukuyenza.”

 ??  ?? INTATHELI yezezimoto ephephanda­beni iThe Star ne-IOL uJesse Adams ngesikhath­i i-drifter iToyota 86 eGerotek ngoMsombul­uko. Ubezama ukungena emlandweni weGuinness World Records
INTATHELI yezezimoto ephephanda­beni iThe Star ne-IOL uJesse Adams ngesikhath­i i-drifter iToyota 86 eGerotek ngoMsombul­uko. Ubezama ukungena emlandweni weGuinness World Records

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa