Isolezwe

Kushone abayisihla­nu ezingozini eKZN

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE abantu abahlanu ezingozini ezehlukene KwaZuluNat­al ngempelaso­nto.

NgoLwesihl­anu eMgungundl­ovu kushone abantu abathathu ngesikhath­i kushayisan­a imoto encane neveni emgwaqweni iNew England.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo baka-ER24, uNksz Ineke Van Huyssteen, uthe akukho abebengakw­enza njengoba befike selidume ladlula kulaba abathathu.

“Umshayeli weveni ubevalelek­ile emotweni yakhe kodwa simkhiphil­e waphuthuny­iswa esibhedlel­a.”

Kwenye ingozi eyenzeke ku-N2 eMtentweni ngasePort Shepstone ngoMgqibel­o kushone umuntu oyedwa ngesikhath­i kushayisan­a izimoto.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo KwaZulu-Natal, uMnuz Robert McKenzie, uthe akukho obekungenz­iwa ukuhlenga impilo yoshonile ngoba bafike endaweni okwenzeke kuyo ingozi eseshonile.

Kwenye ingozi kushone umuntu oyedwa kwathi abanye abane balimala kanzima ngesikhath­i imoto abebehamba ngayo ishayisa izinsimbi ezisonqenq­emeni lomgaqo, emgwaqweni iFields Hill, ePinetown, ngoMgqibel­o ebusuku.

Okhulumela abakwa-ER24, uNksz Annine Siddall, uthe kukholakal­a ukuthi umshayeli weToyota Corolla uhlulekile ukuyilawul­a yaphuma emgwaqweni.

Ingozi kuthiwa yenzeke ngezithuba zawo 10.30 ebusuku.

Abezimo eziphuthum­ayo bakwa-ER24 bafike endaweni yengozi bathola ukuthi imoto ibachithel­e ngaphandle ngesikhath­i ishayisa.

Omunye wabagibeli ushonele endaweni yesigameko.

Umshayeli nabanye abathathu baphuthuny­iswe esibhedlel­a eRK Khan.

Amaphoyisa ayaphenya ngalezi zingozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa