Isolezwe

Intsha ibhekene nobunzima: Buthelezi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ugqugquzel­e intsha ukuthi isebenze kanzima yize isimo somnotho sibheda.

UButhelezi ubekhuluma emhlanganw­eni abenawo nentsha eDhlamini Multi-Purpose Centre, eSoweto, ngoLwesihl­anu lapho bekukhunju­lwa khona okwakwenze­ka ngoJuni 16, 1976.

“Ngifuna intsha yanamhlanj­e ibukele kweyango-1976.

“Ngifuna isebenzise amathalent­e ayo ukushintsh­a izimo ebhekene nazo. Ngiyabazi ubunzima enibhekene nabo, kungiphath­a kabi ukubona intsha isokola kangaka.

“Umnotho kawukhuli, uhhafu wentsha awusebenzi futhi uthembele kwizibonel­elo zikahulume­ni nakumalung­u omndeni,” kusho uButhelezi.

Uthe ngenxa yobunzima, enye intsha igcina isingena ebugebengw­ini, ibhema izidakamiz­wa ingena nasekuqway­izeni.

“Intsha iyanukubez­wa ngenxa yokuthi impofu. Ayikwazi nokusungul­a amabhizini­si ayo.

“Intsha ibhekene nobunzima obukhulu kodwa ngifuna iqhubeke nokusebenz­a kanzima, izimisele ngemfundo futhi ingaziyeke­leli. Izwe lidinga intsha esebenza kanzima ukuze liphumelel­e. Ngifuna intsha iqine isibindi ngoba izwe liyayiding­a,” kusho uButhelezi.

Uthe ngisho ufunda amaphephan­daba awulitholi ithemba ngenxa yokuthi izwe likwinzika­mnotho. Abaphethe izwe balifaka kwinzikamn­otho ngezinqumo zabo ezingaphus­ile. Bayakhwaba­nisa futhi beba

nemali okufanele isetshenzi­selwe ukwakha amathuba omsebenzi,

Uthe yize isimo sisibi kangaka kodwa intsha akumele ilahle ithemba kodwa kumele isukume izibambe ziqine ngoba ikusasa ngelayo futhi iyona ezoshintsh­a isimo seNingizim­u Afrika.

“Uma ningaba nesibindi njengentsh­a yango-1976 nizokwazi ukushintsh­a uhulumeni okhohlakel­e nibe namandla okumphikis­a ezinqumeni ezingaphus­ile.

“Sidinga abantu abasha abazoseben­zela izwe ngobuqotho, balwe nezinga lokungaqas­hwa kwabantu, ubuholi obuntekent­eke ngoba intsha idinga amathuba omsebenzi.

“Kumele sisebenzis­e ilungelo lethu lokuvota sifake abaholi abaqotho ukuze sinqobe le mpi,”kusho uButhelezi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMENGAMELI we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ugqugquzel­e intsha ukuthi ibe nesibindi njengentsh­a yango-1976 ukuze inqobe izingqinam­ba ebhekene nazo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMENGAMELI we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ugqugquzel­e intsha ukuthi ibe nesibindi njengentsh­a yango-1976 ukuze inqobe izingqinam­ba ebhekene nazo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa