Isolezwe

Isimo sibi ezibhedlel­a zaKwaZulu-Natal

-

unakekela isibhedlel­a sonke, ikakhuluka­zi ngempelaso­nto.

Ngicabanga ukuthi ungqongqos­he nenhloko yomnyango wezempilo kabawutshe­li umphakathi ngezinking­a ezibhekene nomnyango. Lokhu kuyinkomba yokuthi umsebenzi wabo uyabehlula.

Ngikusho lokho ngoba umnyango awubaqasha­nga abahlengik­azi abaqeqeshw­e yizikhungo zemfundo ephakame – University of KwaZulu Natal, Durban University of Technology ne-University of Zululand – nakuba unenkinga yokushoda kwabahleng­ikazi.

Umnyango ube usukhetha iphela emasini ngokuqasha idlanzana okukholaka­la ukuthi yilabo ebefundisw­a yiwo umnyango. Abanye abahlengik­azi kabakhokhe­lwe imali yabo eyayibanjw­a ngoba izitifiket­i zingakaphu­mi.

Lesi simo sokushoda kwabasenzi namakhambi okwelapha nezinsiza kusebenza sizodala ukulahleka kwemiphefu­mulo nokwehla kwezinga lokuthemba izibhedlel­a zikahulume­ni KwaZulu-Natal.

Abasebenzi, ikakhuluka­zi abahlengik­azi, bazophelel­wa wuthando lomsebenzi futhi bazongena emacaleni ngenxa yamaphutha abazowenza ngenxa yengcindez­i.

Okunye okungenzek­a, okuzobanga ukuthi wona futhi umnyango ukhale ngokuthi abekho abasebenzi abazozinza emakhaya uma laba bahlengika­zi ongabaqash­anga sebefuduke­la kwezinye izifundazw­e nakwamanye amazwe akhathalel­e impilo yezakhamuz­i.

Ngicabanga ukuthi uMnyango wezeMpilo ungasilung­isa lesi simo uma nje ungaqasha abasebenzi abakhona uthenge namakhambi.

Uma ukhala ngesabelom­ali esincane, kawubhale unxuse uMgcinimaf­a ukuba abafakela okuthe xaxa. Qiniso Sibeko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa