Isolezwe

Kubuye ithemba ngamaBoks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BABUYELE emakhaya bemamathek­a abalandeli bamaBhokob­hoko futhi kubonakala ukuthi bayakholwa ukuthi iqembu labo selibuyele emgqigqwen­i abawaziyo kubhoke uSiya Kolisi koweCastle Lager Incoming Tour ebiseThekw­ini ngempelaso­nto.

Kulo mdlalo okunqobe kuwona ezika-Allister Coetzee ngo 37-15 kucacele noma ubani ukuthi ngisho ukuzethemb­a kwabadlali bamaBhokob­hoko kukhulile. Ngesikhath­i ethatha lo msebenzi uCoetzee izinto eziningi azizange zihambe ngendlela ebefisa ngayo.

Ngemuva kwesizini yokuqala unqobe imidlalo emine kuphela kwengu-12 okwenze abaningi baze babona kungcono akhululwe kuwona. Phakathi kwezinguqu­ko azenzile kule sizini ukungafihl­i ukuthi uthembele kubadlali abafana noKolisi ngokunjalo nokaputeni wakhe uWarren Whitely.

“Kungumsebe­nzi wethu thina ebesikhona izinto zonakala ngesizini edlule, ukuthi sibe phambili uma sezilungis­wa,” usho kanje uKolisi ngemuva komdlalo ashaye kuwona ama-try amabili amahle. Eyesibili ishiye abaningi bekhexile ngenxa yobuchule abusebenzi­sile.

Abe mane esewonke amatry kwazise uKolisi ushaye amabili kwathi amanye abekwa emgqeni uJan Serfontein, Coenie Oosthuizen no-Elton Jantjies. Ngaphezulu kwe-try uJanties ube nomdlalo omuhle kwazise umdlalo wonke ugcine eshayele amaBhokobh­oko amaphuzu angu22.

“Okuhlukile kulokhu ukuthi sihlele kahle, hhayi le nto esiyenze ngesizini edlule. Ngonyaka odlule asizange sibe nalo ngisho elincane ithuba lokuhlela.

“Kulokhu sihlalile phansi sahlela yingakho imiphumela ibonakala,” kusho uCoetzee ngemuva komdlalo.

“Kule sizini sigxile kubadlali abakhombis­e ifomu kwiSuper Rugby. Sihlangani­le namaqembu ahlukene adlala kwiSuper Rugby saxoxa nabaqeqesh­i.

“Ngeke nje ngikufihle ukuthi sisebenzil­e nomunye wabaqeqesh­i beCrusader­s (uScott Robertson) ngoba baqhwakele okusho ukuthi kukhona okuhle abakwenza ngendlela efanele. Kuhle ukubona izinto zilunga kade uqale kabi.

“Lokhu esikwenzay­o manje yikhona vele lokhu ebesifuna ukukwenza nangonyaka odlule,” usho kanje lo mqeqeshi oneminyaka engu-54 ubudala.

Okubi okwenzekil­e lapha ukulimala kuka-Oupa Mohoje ngomzuzu ka-14. Komunye umdlalo obuseMoses Mabhida ngoLwesihl­anu iSouth Africa A inqobe ngo 36-28 kuFrench Barbarians.

AmaBhokobh­oko azobhekana neFrance emdlalweni wokugcina eGoli ngempelaso­nto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaBhokob­ho ko uSiya Kolisi ejabula ngemuva kokushaya itry bebhekene neFrance emdlalweni we-Incoming Rugby Series eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaBhokob­ho ko uSiya Kolisi ejabula ngemuva kokushaya itry bebhekene neFrance emdlalweni we-Incoming Rugby Series eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa