Isolezwe

Akasabheki­le ukudla iqoqo uMosimane

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKANANDABA nokuqeda eqhwakele ku-Group C weCAF Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns elele isibili (kuleli qoqo) kulandela ukudlala kwayo ngokulinga­na ne-Esperance de Tunis yaseTunisi­a ngoLwesith­athu ebusuku e-Olympic Stadium, eRades.

Lo mdlalo, ongazange ufinyelele ezingeni ebelilinde­lekile kwazise bekubheken­e amaqembu anomlando wokudla lesi sicoco, ugcine uphele ngo 0-0 okwenze la maqembu womabili azibeka ethubeni elingcono lokudlulel­a kuma-quarterfin­al.

Ileli qembu laseTunisi­a eliqhwakel­e kuleli ngamaphuzu ayisishiya­galombili kanti iDowns isilele isibili ngamahlanu lapho ibambene khona neSaint George yase-Ethiopia bese kuvala i-AS Vita Club yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) ngamaphuzu amathathu.

UMosimane uthe useqalile usebenzisa ubuhlakani asebazi manje ngokudlala kwiChampio­ns League ngakho-ke uyazi ukuthi okusemqoka ukuqeda emaqenjini amabili aphezulu.

“Sekusebenz­a isipiliyon­i manje hhayi okunye. Angisabhek­ile eqoqweni lethu kuphela kepha nakuleli qoqo okuzophuma kulona esizodlala naye kuma-quarter final nakhona ngiwavulil­e amehlo. Ngenhlanhl­a iZanaco siyayazi futhi idlala kahle kodwa akuyona yodwa esingase sihlangabe­zane nayo ngakho kusemqoka ukwazi ukuthi kukhona i-Al Ahly neWydad Athletic Club.

“Wonke la maqembu aqine ngendlela eyisimanga. Esikubheki­le manje ukuqeda endaweni efanele eqoqweni. Nakuba singeke siqede siqhwakele kodwa indlela isekhona,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo wangoLwesi­thathu.

UMosimane uzishaya isifuba ngakufunde endleleni yakhe ebheke esicocweni ngesizini edlule futhi uthe sekuyisikh­athi sokuthi awasebenzi­se wonke amaqhinga awafundile.

“Kusemqoka kakhulu ukuthi sibazi bonke ubuhlakani namaqhinga asetshenzi­swa amaqembu adlala kwiCAF ngoba uma singakwenz­i lokho sizozisola. Uma uzokhumbul­a ngesizini edlule kunesikhat­hi lapho sidlale khona neZamalek ngo-3 ntambama. Akekho ongazi ukuthi yini edale ukuthi sidlale ngaleso sikhathi neqembu laseEgypt okuyinto engenzeki. Ngiyazi mina ukuthi iChampions League eyalaba abasebenzi­sa wonke amaqhinga,” kusho lo mqeqeshi othe uthandazel­a ukuthi angabe esalinyale­lwa abadlali abamqoka njengoba seziya emajikeni. Ziyabuyela ngempelaso­nto ezayo lapho iSundowns izovakashe­la khona iSaint George e-Addis Ababa ngesikhath­i esifanayo i-Esperance ivakashele i-AS Vita eKinshasa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPERCY Tau weMamelodi Sundowns ezama ukugqashul­a nebhola kowe-Esperance uMachani Ali emdlalweni weCAF Champions League eStade Olympique eTunis, eTunisia, ngoLwesith­athu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPERCY Tau weMamelodi Sundowns ezama ukugqashul­a nebhola kowe-Esperance uMachani Ali emdlalweni weCAF Champions League eStade Olympique eTunis, eTunisia, ngoLwesith­athu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa