Ngeke esakhuluma ‘ngokujola’ kwakhe

Isolezwe - - IZINDABA - SIYABONGA MKHWANAZI

IPHINI likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngeke lisakhuluma konke ngezinsolo zemijolo yalo emuva kokuyalelwa yi-ANC ukuthi lingakwenzi lokho.

Izolo uRamaphosa uthe i-ANC eNorthern Cape ithe angakhulumi ngempilo yakhe yangasese. NeCosatu imyalele ukuthi azithulele ngoba impilo yakhe yangasese ayingeni ndawo ekuholeni izwe.

“Bengithanda ukukhuluma konke ngodaba lomjolo kodwa abaholi be-ANC bathe ngingakhulumi lutho. Engingakusho wukuthi ngaxoxa nenkosikazi yami futhi sabuyisana. Ngilalela i-ANC ngakho ngeke ngikhulume ngezindaba zami zasesithe,” kusho uRamaphosa.

Umjolo kaRamaphosa yindaba esegudwini emuva kokuthi iSunday Indepedent yashicilela udaba oluthi ujola nenqwaba yabesifazane emasontweni amabili edlule.

Izolo uRamaphosa uthe ngeke aphumule kungakaphenywa ngokulawulwa kombuso yidlanzana.

“Ngikubeke kwacaca ukuthi kufanele kuphenywe ngokulawulwa kombuso yidlanzana. Asinike izinhlangano zomthetho ithuba lokuphenya,” kusho uRamaphosa.

Kuleli sonto uMengameli Jacob Zuma ubeyiswe enkantolo eNkulu yasePitoli ngamaqembu aphikisayo azama ukumphoqa ukuthi aqoke ikomidi elizophenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.

Isinqumo sisabekwe eceleni ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.