Umphakathi udinwe wavala umtholampilo

Isolezwe - - IZINDABA -

izinsolo.

UMnuz Sam Mkhwanazi okhulumela umnyango uthe lezi zinsolo zibucayi kakhulu abaphathi besifunda sebeqalile ukuziphenya.

“Uma kutholakala ukuthi kuphulwa imigomo, abathintekayo bazothathelwa izinyathelo ezifanele,” kusho uMkhwanazi.

UNkk Pinky Gumede oyingxenye yomphakathi uthe ingane yomshana wakhe abeyibeletha ishone ngenxa yobudedengu bomunye walaba bahlengikazi.

Uthe umshana wakhe wafika ngo-7 ekuseni ngoMsombuluko odlule, emtholampilo esikwa. Wangena ngoba kwakuvuliwe.

Kunomhlengikazi owayesekhishini wathi akalinde ngoba akukavulwa.

“Ngokwazi kwethu umtholampilo uvulwa ngo7. Umshana waze wafonela i-ambulensi. Yathi uma seyifikile baxabana nomshayeli wayo bethi abayibizanga. Bathi umshana wami akazikhulumele yena achaze ukuthi uyibizeleni. Kwachitheka esinye isikhathi kuphikiswana. I-ambulensi yamthatha yamphuthumisa esibhedlela eMshiyeni. Ngesikhathi befika khona kwathiwa ingane isishonile, ihilwe yigazi,” kuchaza uNkk Gumede.

Wabikela ikomiti lendawo lezempilo nomphathi womtholampilo. Umphathi womtholampilo wathi akukho okuphuthumayo ngomuntu obelethayo yingakho kwathiwa akalinde.

UNkk Constance Hlongwa wekomiti lomphakathi lezempilo uthe sekunesikhathi bebabikela abaphathi ngezenzo zabahlengikazi ezingalungile.

“Sinohlu lwabantu abaxoshwa kulo mtholampilo. Abanye bathi abahlengikazi badalula izifo zabo esidlangalaleni. Abantu abakhona laba esikhuluma ngabo, esizimisele ukuthi bakhulume nabaphathi bomnyango, akuyona inzwabethi,” kusho uNkk Hlongwa.

Uthe unogada ushiya umsebenzi wakhe azenze umhlengikazi akhiphe imithi.

“Uyamemeza athi iziguli ezizolanda imithi yezifo ezithile, azize kuye. Angazi ukuthi uze enze lokho nje owakhe umsebenzi, usuke ewushiye nobani,” kusho uNkk Hlongwa.

Ngaphezu kwalokhu uthe abahlengikazi sebeshaye nomthetho wokuthi iziguli zingezi emtholampilo ngoLwesihlanu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.