Izinhlelo zokufihlwa kukaZuma waseChibini

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

UZOFIHLWA ngoMgqibelo uMbhishobhi Amon Zuma (79) obengumemgameli weReformed St John’s Apostolic Faith Mission elidume ngokuthi elaseChibini.

UZuma ushone ngoLwesine olwedlule esibhedlela iKing George lapho ebengeniswe khona exinwe yizinhlungu esifubeni.

UMbhishobhi uZuma uzofihlwa emathuneni aseZinkawini, eChesterville, ngo-1 emini ngemuva kwenkonzo ezoqala ngo-9 ekuseni ekomkhulu lebandla elikwa-D KwaMashu.

Kunxuswa abazohambela inkonzo yokumphelezela ukuthi bashayelwe ngu-9 ekuseni sebehlezi phansi ukuze konke kuzoqala ngesikhathi.

UMbhishobhi uRobert Mbotho onguNobhala-Jikelele waleli bandla, uthe bafisa ukuthi konke kwenzeke ngendlela ehlelekile, yingakho benxusa ukuba kufikwe ngesikhathi ukugwema isiminyaminya esingenasidingo njengoba kulindeleke amakholwa amaningi aqhamuka ezindaweni ezahlukene.

UMbhishobhi uZuma ungene kulesi sikhundla ngoFebhuwari wango-2015 emuva kokuthatha umhlalaphansi kukaMbhishobhi Isaac Ngcobo.

UZuma ushiye emhlabeni uLady Archbishop Elizabeth Zuma nabantwana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.