Unukelwa umlando ohola iqembu iBanyana

Isolezwe - - EZEMIDLALO - LUNGILE MAJOKA

UZIMISELE ngokuqopha umlando ngokuhola iqembu iBanyana Banyana linqobe umqhudelwano iCosafa Women Champioship uRefiloe Jane, onikezwe lo msebenzi ngenxa yokungabi khona kukakaputeni uJanine van Wyk.

UVan Wyk akekho eqenjini ngenxa yokuthi iCosafa idlalwe ngaphandle kwekhalenda leFifa. Umqhudelwano uKwaBulawayo, eZimbabwe. Uqale izolo uyoze usongwe ngoSepthemba 24.

Umsebenzi wokuhola izintokazi zeqembu lesizwe uwele ephinini likaVan Wyk uJane odlalela iVaal University. Namuhla iBanyana izovula umqhudelwano neLesotho eLuveve Stadium ngo-4.30 ntambama.

Engxoxweni abe nayo neSafa.net, uJane uthe bafuna ukuzakhela igama ngokubuya nendondo.

“Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi siyayiphakamisa indebe. Sifuna ukubuya nendondo njengoba sekuphele isikhathi eside singakwenzi lokho,” kusho uJane.

INingizimu Afrika igcine ukunqoba lo mqhudelwano ngo-2008 ishaya i-Angola ngo 3-1 kowomanqamu, okuwumqhudelwano okwakugqame kuwo uNoko Matlou ebuya namagoli angu-12. Yanqoba nango-2006 no-2002. Ngo-2011 ishaywe iZimbabwe ngo 1-0 kowamanqamu.

Amanye amaqembu aseqoqweni elilodwa neBanyana, iNamibia abazodlala nayo kusasa bese ivala uGroup C neBotswana ngeSonto.

“Umdlalo wokuqala womqhudelwano yiwona omqoka. Sifuna ukuzehlisela ingcindezi ngokuthi siwunqobe yize singeke siwathathe kancane amaqembu esizobhekana nawo eqoqweni kwazise sesiside isikhathi sagcina ukudlala nawo,” kusho uJane.

IBanyana igcine ukungena enkundleni ngoJanuwari ibhekene neFrance kowobungani.

Ngemuva kwalokho iziphathimandla zihlulekile ukutholela uDesiree Ellis obambile eminye imidlalo yobungani.

U-Ellis kulokhu abamba izintambo kusukela nyakenye kulandela ukushiya kukaVera Pauw waseNetherlands ngemuva kwemidlalo yama-Olympic eBrazil. Ngokuthola kweSolezwe useqashiwe ozothatha izintambo futhi kuthiwa uzobe ekhona ebukela iqembu kwiCosafa Cup.

REFILOE JANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.