‘Usadinga elinye ithuba uKomphela’

Isolezwe - - EZEMIDLALO - LUNGILE MAJOKA

NAKUBA umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela, ebhekene nezivunguvungu ngenxa yokuphikwa yizicoco, osekufakwe uphethiloli wukuqala ngebatha kule sizini, bakhona abakholelwa wukuthi usengawaphendula amatafula abuyise izinsuku zenjabulo.

IChiefs isiqhube amasizini amabili inganqobi lutho ngaphansi kobuholi balo mqeqeshi emqashe ngemuva kokufaka iMaritzburg United okokuqala kwiMTN 8.

UKomphela neqembu lakhe bayiqale kabi isizini ka-2017/2018 bephuma ekuseni kwiMTN 8. IChiefs iphinde yahluleka ukunqoba emidlalweni emibili ye-Absa Premiership.

Kwiligi ibambane ngo 1-1 neBloemfontein Celtic, yahlulwa yiSuperSport United ngo 2-1. Le miphumela imqhathe nabalandeli uKomphela bephinda bevungama njengakwisizini edlule bethi bamfuna ehambile eNaturena.

Izolo ebusuku idlale neCape Town City eKapa koweligi obekumele nakanjani iwunqobe ukwehlisa imimoya kubalandeli.

Lo mdlalo uzolandelwa ngowasekhaya neBidvest Wits ngoMgqibelo. Amakhosi lawa adunguzelayo, azobe esevakashela iTeam of Choice ngaphambi kokwamukela iLamontville Golden Arrows neBaroka FC.

UDavid Kannemeyer owanqoba isicoco seligi neChiefs ngesizini ka-2003/2004, uthe akufanele liphoswe ithawula ngoKomphela.

“Abantu bayathanda ukusheshe batatazele. Isizini isephansi kakhulu ukuthi sekungaxhanyazelwa. Ababe nesineke. Uma ubheka emidlalweni edlule iChiefs ayizange idlale kabi, iwakhile amathuba kodwa yahlulwa ngamagoli. Njengomqeqeshi osezingeni ngicabanga ukuthi uSteve lena yinto ayilungisayo. Ngeke ngithi akaxoshwe. Njengoba neBidvest Wits ingaqalanga kahle, sekumele uGavin Hunt ahambe?”

Nangesizini edlule iChiefs iqale ngebatha eligcine iyikhiphile embangweni weligi.

“Kufanele kubhekwe nohlobo lwabadlali abasayinisiwe,” kusho uKannemeyer.

Ngesizini edlule iChiefs isayinise inqwaba yadlali abangazange bayisize ngalutho, uMichelle Katsavairo, Lewis Macha no-Edmore Chirambadare, uKomphela amnikezile ithuba kodwa wahluleka ukushaya amagoli.

Kule sizini isayinise uPhilani Zulu, Bongolwethu Jayiya noTeenage Hadebe. Leli qembu ligcine ukujabulela indebe ngesizini ka-2014/2015. Umqeqeshi obengaphambi kukaKomphela, uStuart Baxter kwamthatha isizini eyodwa ukwakha iqembu eligcine liwine izindebe ezine.

Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE

INGWAZI yakudala yeKaizer Chiefs uDavid Kannemeyer ithe kumele anikwe ithuba lokuhlanganisa iqembu umqeqeshi uSteve Komphela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.