Isolezwe

Isinqumo ngoMengame­li namhlanje

-

bophiko lwezokushu­shiswa nokaMengam­eli Jacob Zuma bevuma ukuthi kwakungafa­nele ahoxiswe amacala kaMengamel­i.

Kwakufanel­e uMengameli ashushiswe ngaphambi kokhetho luka-2009 kodwa iNhloko yeNational Prosecutin­g Authority, u-Advocate Mokotedi Mpshe, wawahoxisa amacala.

IDA yaludlulis­ela udaba enkantolo ikhala ngokuthi uMengameli kufanele ayoziphend­ulela enkantolo.

INPA ivumile ukuthi uMpshe kwakungafa­nele asebenzise isigaba u-179 kumthethos­isekelo ukuhoxisa amacala kaZuma.

U-Advocate Kemp J Kemp kaZuma uvumile ukuthi akaqondi kwafinyele­lwa kanjani kulesi sinqumo. IJaji Mohamed Navsa ubuze ukuthi kuzoba namthelela muni ukushushis­wa kukaZuma?

UKemp uthe uma uZuma kufanele ashushise makwenziwe kanjalo kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele kuqalwe lapho kwashiywa khona ngoba kufanele kuqale uhlelo lomthetho.

USihlalo weDA uMnuz James Selfe uthe ukuvuma kwazo zonke izinhlaka ukuthi isinqumo esathathwa nguMpshe sasingafan­ele kusho ukuthi uMengameli usengashus­hiswa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa