Eyezimpesheni ogibeni lwabakwaGupta

Isolezwe - - IZINDABA - GEORGE MATLALA , LINDILE SIFILE noKHAYA KOKO

KUSHUBILE enkampanini ephethe impesheni yabasebenzi bakahulumeni, iPublic Investment Corporation (PIC) njengoba kuthiwa umndeni wakwaGupta usufuna ukusebenzisa yona ukuzicebisa.

Kusolwa ukuthi abakwaGupta bafuna ukukhipha isikhulu esiphezulu se-PIC, uMnuz Dan Matjila bafake umuntu ongumngani wabo ukuze bakwazi ukuthola izizumbulu zale nkampani elawula imali engu-R1.8 trillion wezimpesheni zabasebenzi bakahulumeni.

I-PIC iyona nkampani kahulumeni etshale imali eningi emnothweni waseNingizimu Afrika kwazise iphethe impesheni yabasebenzi bakahulumeni.

Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe,iThe Star lithole ukuthi iPhini likaSihlalo wePIC uMnuz Xolani Mkhwanazi ubhalele uMatjila ecela ukuthi aziphendulele ngezinsolo zokuthi wenza inkohlakalo ezivezwa kwi-website yakwaGupta.

Izinsolo zenkohlakalo zithunyelelwe amalungu ebhodi lePIC ngoLwesithathu kanti kulindeleke zidingidwe emhlanganweni wawo ozoba namuhla.

UMatjila usolwa ngokuxhasa uhlelo lwentuthuko lwentombi okuthiwa uthandana nayo.

Kuthiwa uma uMatjila etholakala enecala uzokhishwa esikhundleni bese kungena isithenjwa somndeni wakwaGupta.

Kusolwa umndeni wakwaGupta ngokufuna ukuthatha imali yePIC njengoba uMengameli Jacob Zuma esesalelwe yizinyanga ezingu-18 ephethe okusho ukuthi ngeke usakwazi ukuxhaphaza imali kahulumeni ngaphandle kwakhe.

Imithombo ye-Indepedent Media okuyinkampani eshicilela Isolezwe, iveze ukuthi umndeni wakwaGupta ufuna ungqongqoshe weziMali aqoke uMnuz Brian Molefe owayeyisikhulu sakwa-Eskom. UMolefe wake wayiphatha iPIC.

Umndeni wakwaGupta usaphatheke kabi emuva kokuthi inkampani owawusebenzisana nayo iBell Pottinger itholwe inecala lokuqala impi yobuhlanga eNingizimu Afrika.

AbakwaGupta kuthiwa bazosebenzisa indlela efanayo yokudla imali kwiPIC njengoba kade benza ezinkampanini zikahulumeni okubalwa kuzo i-Eskom, Transnet, SAA, SABC noPrasa.

UMatjila uthe akazi lutho ngezinsolo zokukhishwa kwakhe.

“Ngiyazi ukuthi kunezinsolo zenkohlakalo ngoba sengiceliwe ukuthi ngiziphendulele. Sengizibhalile izimpendulo. Ngeke sivume ukuthi kuxhashazwe impesheni yabasebenzi bakahulumeni,” kusho uMatjila.

UMnuz Mayihlome Tshwete okhulumela ungqongqoshe weziMali, uMnuz Malusi Gigaba, uvumile ukuthi uyitholile imibuzo ethunyelwe yi-Independent Media kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.

Kuthiwa uGigaba akafuni kukhishwe uMatjila ufuna ahlale kuze kube ngunyaka ozayo.

USihlalo we-PIC uMnuz Sfiso Buthelezi oyiphini likaGigaba uthe kungamanga ukuthi kukhona abafuna ukususa uMatjila esikhundleni sakhe.

UMkhwanazi akatholakalanga ukuthi aziphendulele benoMolefe.

Ummeli wabakwaGupta, uMnuz Gert van der Merwe uthe lo mndeni uyasukelwa ngoba ufuna ukugeza igama lawo ngezindaba eziphathelene nePIC.

Uthe ayikho indaba yokuthi abakwaGupta bafuna isithenjwa sabo kwiPIC.

I-DA icele uGigaba ukuthi avikele iPIC angasebenzisi impesheni yabasebenzi bakahulumeni ukutakula iSAA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.