Kusungulwe uphiko lwentsha engabalimi
ABANTU abamnyama ababonwa nangalukhalo emabhizinisini athinta ukushintshwa kwemikhiqizo yezolimo yenziwe eminye imikhiqizo, i-agri-proccessing.
Lokhu kushiwo uMnuz Thube Zondi uSihlalo we-African Farmers Association in South Africa (AFASA), emhlanganweni wokusungulwa kophiko lwentsha engabalimi, iYouth Agri-Business oluzoba ngaphansi kukaMasipala weTheku.
UZondi uthe abalimi abamnyama bagcina ngokukhulisa imfuyo noma ukutshala izitshalo bese bezidayisela abazokwenza imali eningi ngemikhiqizo yabo. “Ngingumlimi ogxile ekufuyeni izinkomo iBoran nezinye. Ngihlanganisa isithole nensikazi zezinkomo zezinhlobo ezingefani, kuzalwe amathole. Uma esekhulile ngiyazidayisa. Uma ungangibuza ukuthi le nkomo engiyidayisile kukhishwa miphi imikhiqizo kuyo futhi izobiza malini, angazi kodwa ngiyazi ukuthi inkulu imali etholwa ngabenza i-agriproccessing,” kusho uZondi.
Uthe lokhu ukubona ngemali yemikhiziqo yenyama yenkomo ezitolo.
Uqhube wathi ezolimo ziqala ngakho ukufuya nokulima kodwa kuningi kakhulu okwenziwa ngaleyo mikhiqizo kepha abantu abasha abanalo ulwazi ngemikhakha ekhona kwezolimo okwenza ukuthi bahambele kude nawo.
Uthe ezolimo sekuvelile ukuthi zingakwazi ukwenyusa ezomnotho njengoba kuthiwa ukwenyuka komnotho ngo-2.5% kuleli kwenziwe yizo ezolimo.
“Okunye okubalulekile wukuthi uma ulima noma ufuya kumele ukhethe umkhakha owodwa ozogxila kuwo. Uma utshala upelepele, tshala izinhlobo ezehlukene zawo kunokuthi indawo encane onayo uyiklame kaningi utshale iklabishi, u-beetroot nokunye. Uma wenza njalo uzogcina utshala kancane zonke izitshalo ungayitholi inzuzo. Kwesinye isikhathi ungasitholi isitolo ozosiphakela ngoba bafuna umkhiqizo omningi ongenawo,” kusho uZondi.
Uthe lokhu ungakwenza uma uzitshalela ukudla kwakho ngoba zonke lezi zitshalo zidingwa umzimba.
UMnuz Zamokuhle Thwala ongumsunguli weYouth Agri Business uthe bagqugquzela ukuthi umphakathi wenze ezolimo ezilungele ukwenziwa edolobheni.
Lolu phiko uthe lugqugquzela ukuthi kutshalwe kuma-tunnels, izingadi ezincikiswe odongeni (vertical gardens) nokuhlanganisa kokufuywa kwezinhlanzi nezitshalo ngesikhathi esisodwa. Umquba ophuma ezinhlanzini uhamba ngamapayipi amanzi, ube ngumsoco ezitshalweni, okwaziwa nge-aquaponics.
“Ucwaningo luveza ukuthi abalimi abaningi sebekhulile. Sifisa ukuthi kube nentsha ezofunda kubo ukuze kuvaleke igebe elikhona njengamanje,” kusho uThwala.