Isolezwe

Kusungulwe uphiko lwentsha engabalimi

- PHILI MJOLI

ABANTU abamnyama ababonwa nangalukha­lo emabhizini­sini athinta ukushintsh­wa kwemikhiqi­zo yezolimo yenziwe eminye imikhiqizo, i-agri-proccessin­g.

Lokhu kushiwo uMnuz Thube Zondi uSihlalo we-African Farmers Associatio­n in South Africa (AFASA), emhlanganw­eni wokusungul­wa kophiko lwentsha engabalimi, iYouth Agri-Business oluzoba ngaphansi kukaMasipa­la weTheku.

UZondi uthe abalimi abamnyama bagcina ngokukhuli­sa imfuyo noma ukutshala izitshalo bese bezidayise­la abazokwenz­a imali eningi ngemikhiqi­zo yabo. “Ngingumlim­i ogxile ekufuyeni izinkomo iBoran nezinye. Ngihlangan­isa isithole nensikazi zezinkomo zezinhlobo ezingefani, kuzalwe amathole. Uma esekhulile ngiyaziday­isa. Uma ungangibuz­a ukuthi le nkomo engiyidayi­sile kukhishwa miphi imikhiqizo kuyo futhi izobiza malini, angazi kodwa ngiyazi ukuthi inkulu imali etholwa ngabenza i-agriprocce­ssing,” kusho uZondi.

Uthe lokhu ukubona ngemali yemikhiziq­o yenyama yenkomo ezitolo.

Uqhube wathi ezolimo ziqala ngakho ukufuya nokulima kodwa kuningi kakhulu okwenziwa ngaleyo mikhiqizo kepha abantu abasha abanalo ulwazi ngemikhakh­a ekhona kwezolimo okwenza ukuthi bahambele kude nawo.

Uthe ezolimo sekuvelile ukuthi zingakwazi ukwenyusa ezomnotho njengoba kuthiwa ukwenyuka komnotho ngo-2.5% kuleli kwenziwe yizo ezolimo.

“Okunye okubalulek­ile wukuthi uma ulima noma ufuya kumele ukhethe umkhakha owodwa ozogxila kuwo. Uma utshala upelepele, tshala izinhlobo ezehlukene zawo kunokuthi indawo encane onayo uyiklame kaningi utshale iklabishi, u-beetroot nokunye. Uma wenza njalo uzogcina utshala kancane zonke izitshalo ungayithol­i inzuzo. Kwesinye isikhathi ungasithol­i isitolo ozosiphake­la ngoba bafuna umkhiqizo omningi ongenawo,” kusho uZondi.

Uthe lokhu ungakwenza uma uzitshalel­a ukudla kwakho ngoba zonke lezi zitshalo zidingwa umzimba.

UMnuz Zamokuhle Thwala ongumsungu­li weYouth Agri Business uthe bagqugquze­la ukuthi umphakathi wenze ezolimo ezilungele ukwenziwa edolobheni.

Lolu phiko uthe lugqugquze­la ukuthi kutshalwe kuma-tunnels, izingadi ezincikisw­e odongeni (vertical gardens) nokuhlanga­nisa kokufuywa kwezinhlan­zi nezitshalo ngesikhath­i esisodwa. Umquba ophuma ezinhlanzi­ni uhamba ngamapayip­i amanzi, ube ngumsoco ezitshalwe­ni, okwaziwa nge-aquaponics.

“Ucwaningo luveza ukuthi abalimi abaningi sebekhulil­e. Sifisa ukuthi kube nentsha ezofunda kubo ukuze kuvaleke igebe elikhona njengamanj­e,” kusho uThwala.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? OMNUZ Zamokuhle Thwala benoMuntuk­ayise Bhengu kwenye yezingadi eseCongo, eNanda, lapho intsha ibizobheka khona ukuthi kutshalwan­i kuyo futhi idayiswa kuphi imikhiqizo ekhiqizwa kuyo
Isithombe: ZANELE ZULU OMNUZ Zamokuhle Thwala benoMuntuk­ayise Bhengu kwenye yezingadi eseCongo, eNanda, lapho intsha ibizobheka khona ukuthi kutshalwan­i kuyo futhi idayiswa kuphi imikhiqizo ekhiqizwa kuyo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa