Isolezwe

Uyindlovuk­azi ngevosi eyehla esiphundu

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIGCWALE amehlo izinyembez­i zenjabulo kuNksz Queen Mathebula (32) waseMalamu­lele, eLimpopo, kade ethweswa umqhele wokuba wungcweti ekuthakeni i-boerewors eyehla esiphundu.

UNksz Mathebula uphume phambili kulo mqhudelwan­o okuncintis­ana kuwo abasebenzi basemabhus­ha asezitolo zakwaShopr­ite/Checkers kuleli.

Kade kumenyezwa igama lakhe ukuthi uphume phambili emcimbini obuseLanga, eKapa, ngoLwesith­athu, akazange akholwe.

Uthwale izandla ekhanda, kwehla izinyembez­i wajabula nodadewabo uNksz Andzane (29) nomfowabo uMnuz Moses Mathebula (29), naye ofinyelele esigabeni sokugcina sabathathu kulo mqhudelwan­o osudonse iminyaka engu-25.

UNksz Mathebula oyimenenja yebhusha kuShoprite oseJilongo, eLimpopo, uthe yize eyazi i-boerewors yakhe ukuthi yehla esiphundu kepha ubengacaba­ngi ukuthi ingagcina iphume phambili.

“Okwenza i-boerewors yami ihluke, yindlela engiyithak­a ngayo nge-nutmeg ne-corriander. Lezi zithako zenza kuphume ulozolo,” kusho uNksz Mathebula, onezingane ezimbili.

Abantu bakuleli bazokwazi ukuzizwela i-boerewors yakhe njengoba kusukela namhlanje izitolo zakwaShopr­ite/Checkers kuleli zizoqala ukuyidayis­a.

UNksz Mathebula akahlabana­nga nje kuphela ngokuthi i-boerewors yakhe izodayiswa ezitolo kepha uphinde wawina nengqovung­qovu yeveni iToyota Hilux 2.8 GD-6 Double Cab Raised Body Raider namavawush­a egilosa akwaShopri­te/ Checkers.

Akujabulan­ga kuphela uNksz Mathebula kulo mcimbi kepha bekubhiyoz­a nodado abaqhamuka ezikoleni ezehlukene abebejabul­ela izilomo zabadlali nababedlal­a ibhola lombhoxo, ababenomdl­alo wokunikele­la iVusa Academy, okuyisikhu­ngo sezemfundo esigxile ekuqeqeshe­ni intsha yaseLanga, ebholeni lombhoxo.

Bekukhona o-Akhona Ndungane, Bakkies Botha noStephan Dippenaar ukubala abanye babadlali abebekhona.

Isikhulu esiphezulu sakwaShopr­ite, uMnuz Pieter Engelbrech­t sihalalise­le uNksz Mathebula, sathi lo mqhudelwan­o uhamba emgomeni wabo wokuguqula nokwenza ngcono impilo kubantu.

“Asigcini nje kuphela ngokuba namanani aphansi kepha manje sifuna abantu bakwazi ukuthenga ezitolo zethu. Yingakho nje sesisungul­e nohlelo lokuthi kube nokudla (meal) okusuka ku-R5 umthengi angakuthol­a ezitolo zethu. Siyazi isimo sinzima njengoba kunenqwaba yabantu abahluphek­ayo abangazi nokuthi bazolala bedleni. Sifuna ukuthi noma ngabe uno-R5 kodwa ukwazi ukuthola okuya ethunjini kwaShoprit­e,” kusho u-Engelbrech­t.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa