Ubunyoninco obusha emathayeni

Isolezwe - - EZEZIMOTO - INTATHELI YEZEZIMOTO

ICONTINENTAL Tyre South Africa (CTSA) yethule amathayi amasha iGrabber AT3 nelokuhamba emigwaqweni ebucayi iGrabber X3.

IGrabber AT3 ingena esikhaleni seGrabber AT endala. Leli sondo likwazi ukuhamba ngendlela efanayo etiyeleni. Bathi lakhelwe izimoto eziphakeme amaSport Utility Vehicle (SUV) namaveni.

IGrabber X3 yona ilungele kakhulu ukuhamba odakeni nasobhuqwini.

Ikahle kakhulu kubashayeli bama4x4 abahamba emigwaqweni emibi.

IGrabber AT3 bathi bayithuthukisele ukunciphisa umsindo, ukubambelela uma kunesithwathwa, udaka noma etshanini obumanzi. Itholakala ngosayizi abangu-13 kumarimu angu-15 kuya ku-20 inch. IGrabber X3 itholakala ngosayizi abahlanu abasuka kumarimu angu-15 kuya ku-17 inch.

KWACONTINENTAL Trye South Africa bethule amasondo amasha ahamba nasemgwaqeni emibi njengaleli iGrabber X3

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.