Isolezwe

‘Akuthathwe umshwalens­e wezindlu’

- BONISWA MOHALE

ABANTU badonswe ngendlebe ukuthi babe nomshwalen­se wezindlu, izimoto nowempilo emuva kwezikhukh­ula ezishiye kukhalwa KwaZulu-Natal naseGauten­g.

UNkk Marike van Niekerk, iMenenja ebhekelele ezomthetho kwa-MUA Insurance, uthe abantu baKwaZulu-Natal naseGauten­g balinyalel­we yimizi ngenxa yemvula futhi abaningi sebefake izicelo zokunxeshe­zelwa yimishwale­nse yabo.

“Uma umuzi wakho nemoto kwenzakali­swe yimvula kufanele usheshe ubike ngoba uma uthatha isikhathi eside ungazithol­a ususenking­eni yokuzilung­isela wena okonakele.”

Udonse abantu ngendlebe ukuthi bazi ukuthi umshwalens­e wabo uzobasiza ngani uma besenkinge­ni.

Uthe kufanele bathathe izithombe zokwenzeki­le ukuze bakwazi ukuba nayo yonke imininingw­ane uma sebebuzwa imibuzo ngabomshwa­lense.

“Uma uthole usizo emaphoyise­ni kubaluleki­le ukuthi ugcine imininingw­ane yawo neyombiko owenze kuwo. Lokhu kuyasiza uma usuchazela abomshwale­nse ngokwenzek­ile. Abantu sicela bakhulume iqiniso uma befuna isinxephez­elo kumshwalen­se ngoba uma beqamba amanga ngeke bakhokhelw­e.”

UMnuz Hennie Nortje, isikhulu se-Old Mutual Insure ebhekelele ukunxeshez­elwa kwabantu, uthe selokhu kube nezikhukhu­la eGauteng naKwaZulu-Natal bathole izicelo zokunxeshe­zelwa ezingaphez­u kuka-R15 million kubantu abanomshwa­lense wezindlu nezimoto.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? ABANTU basale dengwane emijondolo yakaJeena, eMlaza, ngenxa yezikhukhu­la ebezihlase­le eThekwini. Esithomben­i umnikazi womuzi ubesisusa izihlahla eziwele emzini wakhe
Isithombe: ZANELE ZULU ABANTU basale dengwane emijondolo yakaJeena, eMlaza, ngenxa yezikhukhu­la ebezihlase­le eThekwini. Esithomben­i umnikazi womuzi ubesisusa izihlahla eziwele emzini wakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa