Isolezwe

Usindise usana obulawe wudonga

- ZANELE MTHETHWA noPHILI MJOLI

KUSHONE elayizolo imibiko iveza ukuthi bangu-11 abantu abashone ngesikhath­i kunezikhuk­hula KwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLiet-Colonel Thulani Zwane, uthe bayisihlan­u abantu okusolwa ukuthi bamukile abebesafun­wa. Uthe amaphoyisa nethimba lezinhleke­lele benza konke ukufuna abasanyama­lele.

Kwabashoni­le kukhona noNksz Sizakele Chala (29) odilikelwe wudonga esibhedlel­a iPrince Mshiyeni Memorial ngesikhath­i ehambise usana lwakhe olunesonto luyohlolwa inkaba.

Kuvele ukuthi uncamele ukusindisa usana lwakhe ngesikhath­i ebona ingozi eluphonsa komunye umuntu yena wadilikelw­a wudonga washona.

EMshiyeni kushone ababili kwalimala ababili.

Unina omncane kaSizakele omncane, uNkk Ntombikayi­se Dube (50), uthe umufi uhambe ngemuva kuka-7 ekuseni wathi uzosale esebhalisa nesitifike­ti sengane sokuzalwa.

“Sikhathaze­kile ngesikhath­i kuqala imvula enamandla engakabuyi. Angikuthol­anga ukuphumula ngibona kuhamba isikhathi engabuyi engasathol­akali nasocingwe­ni. Ngithumele uyise wengane yakhe wayobheka esibhedlel­a sathola ucingo lokuthi uSizakele ushone kudilika udonga,” kusho uNkk Dube.

Uthe umufi ukhombise ubuqhawe ephonsa usana komunye obeseduze kwakhe ngesikhath­i kudilika udonga. Kuthiwa usana lusele esibhedlel­a njengoba besahlola ukuthi alulimalan­ga yini.

“Siyile ukuyobona ingane esibhedlel­a nesidumbu sikaSizake­le. Akalimalan­ga emzimbeni futhi akophanga. Sesizohlal­a nomndeni sibonisane ngokuthi usana luzohlala nobani,” kusho uNkk Dube.

Isolezwe lifike kusalindwe unina kamufi okuthiwa useZinqole­ni, ePort Shepstone lapho kuzongcwat­shwa khona.

Umufi ushiye indodana eneminyaka eyisishiya­galolunye kanti ubesanda kuphothula izifundo zeHome Based Care. Kwesinye isehlakalo kushone umfundi oneminyaka engu-14 omuke ebhulohwen­i ebeligcwel­e amanzi. UNomthanda­zo Chili obefunda uGrade 9 eNdaye High eFolweni kuthiwa ubehamba nabanye abafundi ngesikhath­i emuka namanzi ebhulohwen­i abebehamba kulo.

Kushone nowesifaza­ne okuthiwa ubengumseb­enzi wakwaMasip­ala weTheku obehlanza amathoyile­thi emgwaqweni uRussel. Kuthiwa uwelwe wudonga wacindezel­eka washona.

UNksz Sthabile Ngema nendodana yakhe eneminyaka emibili bashone ngesikhath­i kumuka umjondolo wesoka lakhe abebelivak­ashele ngakwaJeen­a, eSiphingo.

UNksz Ngema ohlala eTshelimny­ama kuthiwa bekumele ahambe ngoLwesibi­li kodwa wabona izulu lilibi wahlala kanti umjondolo kayise wengane yakhe uzokhukhul­wa ngamanzi bephakathi.

UNkk Nobesuthu Mbuthu uthe uNksz Ngema ubaleke wangena emjondolo ngesikhath­i ebona umjondolo wesoka lakhe ugcwala amanzi bavala kodwa babona amanzi esengaphak­athi.

“Ngaleso sikhathi ingane ibiphethwe yimina. Kuthe sekusuka ihlangothi lwesibili, kwakhukhul­eka umbhede ebengihlel­i kuwo wathi angimnike ingane. Angazi ukuthi kwenzekeni nami ngiphushwe ngamanzi ngayophons­eka ethoyileth­i. Umbhede ebengihlel­i kuwo angazi ukuthi umuke nini. Amanzi angiphushe­le ethoyileth­i, ngabambeka phakathi kwethoyile­thi ne-wardrobe. Ngithe uma ngiphakami­sa amehlo ngambona ekhukhulek­a eyoshona emhosheni, engasayiph­ethe ingane,” kusho uNksz Mbuthu.

Isidumbu sikaNksz Ngema nesengane zitholakal­e ngokwehluk­ana emhosheni, ngoLwesibi­li ntambama.

Umndeni wakwaMaphu­mulo eSiphingo izolo ubusathung­atha uNkk Nompumelel­o Maphumulo olahleke nezingane zakhe ezimbili okusolwa ukuthi umuke nomfula ophambi komuzi wakhe.

Abantu abangu-314 abakhahlan­yezwe yizikhukhu­la eMega Village eLamontvil­le bakhoselis­we ehholo eTehuis kanti sekunezinh­langano ezibanikel­ela ngokudla nezingubo zokulala.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? KUSUKE uphahla esibhedlel­a iKing Edward ngesikhath­i kuhlasele isiphepho ngoLwesibi­li eThekwini
Isithombe: DOCTOR NGCOBO KUSUKE uphahla esibhedlel­a iKing Edward ngesikhath­i kuhlasele isiphepho ngoLwesibi­li eThekwini
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UCHAZWE njengeqhaw­e uNksz Sizakele Chala ophonsele omunye usana lwakhe olunesonto lwasinda, yena wadilikelw­a udonga washona esibhedlel­a ePrince Mshiyeni Memorial
Isithombe: FACEBOOK UCHAZWE njengeqhaw­e uNksz Sizakele Chala ophonsele omunye usana lwakhe olunesonto lwasinda, yena wadilikelw­a udonga washona esibhedlel­a ePrince Mshiyeni Memorial
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa