‘Ukuqashwa kwamagatsha e-ANC kungaphazamisa ukhetho’

Isolezwe - - IZINDABA - ZIMASA MATIWANE

UKUFAKWA kobuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukuthi buqaphe imihlangano yamagatsha esifundeni iLower South Coast kungaphazamisa ukhetho.

Lokhu kushiwo nguMnuz Sthembiso Mshengu okhulumela amalungu e-ANC ahambisa inhlangano enkantolo ngemiphumela yokhetho lobuholi baseKZN obakhethwa ngo-2015.

NgoJulayi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal baphucwa amandla ubuholi besifunda saseLower South Coast.

Ubuholi baseLower South Coast bumatasa nokuphikisana nalesi sinqumo.

UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Super Zuma, uthe imihlangano yamagatsha izoqashwa yithimba elinobuholi besifundazwe, obesifunda, amalungu ePhalamende nawesishayamthetho.

Kulindeleke ukuthi ngoMgqibelo amagatsha akhethe abaholi afuna bengamele i-ANC uma uMengameli Jacob Zuma esephumile esikhundleni sakhe.

UMshengu uthe ukufakwa kobuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukuthi buhambele amagatsha kuzophazamisa izinhlelo zengqungquthela.

“Amalungu e-ANC anelungelo lokuya enkantolo ayobuza ukuthi busemthethweni yini ubuholi baKwaZulu-Natal emuva kwesinqumo sangoSepthemba 12. Okwamanje abukho ubuholi besifundazwe yize sebufake isinqumo sokuphikisana nokuchithwa kwabo,” kusho uMshengu.

Inkantolo yaseMgungundlovu yanquma ukuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi bango-2015 KwaZulu-Natal yayingekho emthethweni futhi imiphumela yayo ayikho.

Kuleyo ngqungquthela uMnuz Sihle Zikalala wahlula uMnuz Senzo Mchunu wase eba nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

“Njengoba ingekho inkantolo ethe ubuholi bakhethwa engqungqutheleni esemthethweni kusho ukuthi abukho,” kusho uMshengu.

IKwaZulu-Natal eholwa nguZikalala yeseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi abe nguMengameli we-ANC emuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba ngoDisemba.

Uhlangothi likaMnuz Senzo Mchunu lweseka iPhini likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.

UMshengu uthe izenzo zobuholi be-ANC KwaZulu-Natal zikhombisa ngokusobala ukuthi buzimisele ngokuphazamisa ingqungquthela yangoDisemba.

“Ubuholi obukhona njengamanje akufanele bube yingxenye yokukhethwa kwabaholi emagatsheni ukuze siye engqungqutheleni yangoDisemba sikhululekile,” kusho uMshengu.

UZuma (Super) akathandanga ukuphawula ngokushiwo nguMshengu ngobuholi be-ANC KwaZulu-Natal.

Uziphikisile nezinsolo zokuthi kunezinhlelo zokuphazamisa amagatsha eseka uRamaphosa ukuze kuwine uDkt Dlamini Zuma eLower South Coast.

“Labo abathumela imiyalezo yokuthi kuzophazanyiswa imihlangano yamagatsha bakhuluma into engekho. Sizoqhuba umsebenzi ngendlela efanelekile,” kusho uZuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.