Akamisiwe uthisha osolwa kolokubulawa komfundi

Isolezwe - - IZINDABA - ZANELE MTHETHWA

UNOBHALA weSadtu KwaZulu-Natal uthi ngeke bagxambukele odabeni lukathisha osolwa ngokuthinteka ekubulaweni komfundi waseClermont, eThekwini, kodwa uthi bazolinda amaphoyisa aphenye.

UNksz Nomarashiya Caluza ukusho lokhu emuva kokuphazamiseka kokufunda ngoMsombuluko, eSithengile High, lapho uthisha wakhona esolwa ngokuthinteka ekubulaweni kukaNonhlanhla Gumbi (17). Isidumbu salo mfundi obenza uGrade 11 eZiphathele High, sitholakale ngenyanga edlule ehlathini eliseduze nesikole. UNksz Caluza owayekhona emashini eyayihambisana nenkonzo yokukhumbula lo mfundi, wakugcizelela ukuthi bafuna amaphoyisa enze umsebenzi wawo ukuze kuboshwe umsolwa. Uthe usamile emazwini akhe.

Uthe: “Ukubulawa kwalo mfundi kwasihlukumeza sonke, yingakho sifuna ajeze umsolwa. Siyawuhlonipha umthetho futhi ngeke sigxambukele, silinde kucace ukuthi kwenzekani ngophenyo.”

UNobhala wesifunda eThekwini, uMnuz Themba Mazibuko, uthe ngokwabo uthisha akamisiwe emsebenzini ngoba akukho okuqondile asebaziswe kona. Uthe bayaqonda ukuthi okwamanje kuseyizinsolo ezenza amataniswe nalesi sigameko.

“Okwamanje simthatha njengomuntu okumele ngabe usesikoleni, akamisiwe. Okuzokwenza angayi esikoleni yingenxa yokusabela ukuphepha kwakhe ngenxa yesehlo sangoMsombuluko,” kusho uMazibuko.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLiet-Col Thulani Zwane uthe kusaphenywa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.