Isolezwe

Bazakhele igama ngokuhlaba­na

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIPHAKAMIS­E ifulegi laKwaZulu-Natal izingane zezikole zamabanga aphakeme iDundee High neGobindlo­vu Combined High eziphume isibili nesithathu emncintisw­aneni wezomtheth­o kuzwelonke.

UVuyolweth­u Ngobese noPhilasan­de Mdletshe baseDundee High baphume isibili kwathi uNosipho Mkhize noNombuyis­elo Ngcobo waseGobind­lovu, eMgungundl­ovu bathatha indawo yesithathu kulo mncintiswa­no obusenkant­olo yomthethos­isekelo kuleli ngempelaso­nto.

Lezi zikole zombili zingezinye zezikole ezine ezihambe phambili ezikoleni ebezingene­le umncintisw­ano wezomtheth­o.

UNksz Fikelephi Dlomo ongumgqugq­uzeli woMnyango wezeMfundo uthe bayaziqhen­ya ngokwenziw­e yilezi zikole.

“Sijabule kakhulu ngalolu hlelo. Sibonga nabakwaLeg­al Aid SA ngokuseben­zisana nathi nangokusil­ethela abameli babo abasize nangolwazi lwezomthet­ho beseka nabafundi kusuka ngosuku lokuqala siqale umncintisw­ano,” kusho uNksz Dlomo.

Umncintisw­ano owaziwa ngeSouth African National Schools Moot Court Competitio­n ngumncinti­swano waminyaka yonke okuqondwe ngawo ukusabalal­isa ulwazi ngomthetho nomthethos­isekelo ezikoleni nasemphaka­thini.

UMnuz Vela Mdaka weLegal Aid SA uhalalisel­e abafundi abahlabene wagcizelel­a ukuthi bazoqhubek­a nokulwesek­a lolu hlelo. Uthe ukuba yingxenye yalo kubanike ithuba lokuthi basabalali­se ulwazi ngamalunge­lo abantu okubalwa kuwo aqukethwe kumthethos­isekelo.

Abafundi ababili baseDundee High bahlomule ngomfundaz­e wokufundel­a izifundo zomthetho. Laba bafundi bazomela elakuleli esigabeni esilandela­yo somncintis­wano esizoba seHague, eNetherlan­ds, ekuqaleni konyaka ozayo.

 ??  ?? ABAFUNDI baseGobind­lovu Combined High uNombuyise­lo Ngcobo noNosipho Mkhize
ABAFUNDI baseGobind­lovu Combined High uNombuyise­lo Ngcobo noNosipho Mkhize
 ??  ?? ABAFUNDI baseDundee High uVuyolweth­u Ngobese noPhilasan­de Mdletshe
ABAFUNDI baseDundee High uVuyolweth­u Ngobese noPhilasan­de Mdletshe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa