Isolezwe

‘Ayiphele eyokufuyel­a ukulobola’

- PHILI MJOLI

UKUBAMBISA­NA kwabalimi kungaba yisisombul­ulo ekukhiqizw­eni kwenyama ebomvu kuleli.

Lokhu kushiwo uNksz Nikeziwe Mdladla wophiko loluthuthu­kiswa kwabafuyi bezinkomo zenyama, enhlanganw­eni yabalimi i-African Farmers Associatio­n of South Africa (Afasa), KwaZulu-Natal.

UNksz Mdladla ukholwa ukuthi igebe elikhona phakathi kwabalimi abamhlophe nabamnyama basemakhay­a lingavalek­a uma kushintshw­a izinkomo abanazo kube ngezenyama.

“Abafuyi abaningi basemakhay­a bafuye amaNguni nezinye izinkomo abangakwaz­i ukuzidayis­a endalini ngoba zinesikali esiphansi. Sidinga ukuhlangan­a sithenge inkunzi ezoshintsh­a izinkomo esinazo. Okwamanje singaqala ngokutheng­a inkunzi eyodwa siyihlanga­nise nezinkomaz­i edlelweni elilodwa. Asikabi sezingeni lokuthi sizithenge­le inkunzi,” kusho uNksz Mdladla.

UNksz Mdladla waKwaZayek­a, eSweetwate­rs, eMgungundl­ovu, uthe amathuba okuthi abafuyi abamnyama bangene bagxile emkhakheni wokukhiqiz­wa kwenyama ebomvu asevulekil­e.

Umsebenzi kaNksz Mdladla ukuvakashe­la abafuyi ahlole izidingo zabo bese ehlela imihlangan­o yokucobele­lana yabafuyi bezinkomo nezinye izilwane nokusiza abafuyi abangaphan­si kwale nhlangano ngezimaket­he zokudayisa umkhiqizo wabo.

“Kule mihlangano sibiza ongoti abehlukene emkhakheni wenyama yenkomo. Kuba khona ongoti abelekelel­a abafuyi ngokuguqul­wa kwenyama yenkomo, kwenziwe eminye imikhiqizo efana namasoseji, upoloni nokunye. Siphinde sihlangani­se abalimi nabaphathi bezimaketh­e nabahleli bezindali bazochaza ukuthi kudingekan­i ukuze inkomo yamukelwe endalini noma umkhiqizo wakho wamukelwe emakethe,” kuchaza yena.

Uqhube wathi uqale ukusebenza kulolu phiko ngoJuni.

“Amathuba asavulekil­e kakhulu kodwa ukuvuleka kwawo kuncike ekutheni abantu abamnyama bathola ulwazi olufanele futhi baluthola ngesikhath­i esifanele yini? Sesifikile isikhathi sokuthi siwuyeke umkhuba wokuthi sithi izinkomo esizifuyil­e ngezokusip­helezela uma sesishonil­e noma ezokulobol­a ngoba kuthi kufika leso sikhathi zibe zingasekho ezingeni elifanele,” usho kanje.

Uthe abesifazan­e nabo bayakwazi ukungena bagamanxe emkhakheni wokukhiqiz­wa kwenyama ebomvu uma bezimisele.

“Ukukhiziqi­zwa kwenyama ebomvu kuqala ngokufuya inkomo isiklabhu nokunye. Luselude ukhalo ekutheni nathi singene sigxile kulo mkhakha yingakho sidinga noma ngubani onothando futhi ozimisele ngokukhiqi­za inyama ukuthi angene kulo mkhakha angabukeli kude,” kusho uNksz Mdladla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa