‘Ayiphele eyokufuyela ukulobola’
UKUBAMBISANA kwabalimi kungaba yisisombululo ekukhiqizweni kwenyama ebomvu kuleli.
Lokhu kushiwo uNksz Nikeziwe Mdladla wophiko loluthuthukiswa kwabafuyi bezinkomo zenyama, enhlanganweni yabalimi i-African Farmers Association of South Africa (Afasa), KwaZulu-Natal.
UNksz Mdladla ukholwa ukuthi igebe elikhona phakathi kwabalimi abamhlophe nabamnyama basemakhaya lingavaleka uma kushintshwa izinkomo abanazo kube ngezenyama.
“Abafuyi abaningi basemakhaya bafuye amaNguni nezinye izinkomo abangakwazi ukuzidayisa endalini ngoba zinesikali esiphansi. Sidinga ukuhlangana sithenge inkunzi ezoshintsha izinkomo esinazo. Okwamanje singaqala ngokuthenga inkunzi eyodwa siyihlanganise nezinkomazi edlelweni elilodwa. Asikabi sezingeni lokuthi sizithengele inkunzi,” kusho uNksz Mdladla.
UNksz Mdladla waKwaZayeka, eSweetwaters, eMgungundlovu, uthe amathuba okuthi abafuyi abamnyama bangene bagxile emkhakheni wokukhiqizwa kwenyama ebomvu asevulekile.
Umsebenzi kaNksz Mdladla ukuvakashela abafuyi ahlole izidingo zabo bese ehlela imihlangano yokucobelelana yabafuyi bezinkomo nezinye izilwane nokusiza abafuyi abangaphansi kwale nhlangano ngezimakethe zokudayisa umkhiqizo wabo.
“Kule mihlangano sibiza ongoti abehlukene emkhakheni wenyama yenkomo. Kuba khona ongoti abelekelela abafuyi ngokuguqulwa kwenyama yenkomo, kwenziwe eminye imikhiqizo efana namasoseji, upoloni nokunye. Siphinde sihlanganise abalimi nabaphathi bezimakethe nabahleli bezindali bazochaza ukuthi kudingekani ukuze inkomo yamukelwe endalini noma umkhiqizo wakho wamukelwe emakethe,” kuchaza yena.
Uqhube wathi uqale ukusebenza kulolu phiko ngoJuni.
“Amathuba asavulekile kakhulu kodwa ukuvuleka kwawo kuncike ekutheni abantu abamnyama bathola ulwazi olufanele futhi baluthola ngesikhathi esifanele yini? Sesifikile isikhathi sokuthi siwuyeke umkhuba wokuthi sithi izinkomo esizifuyile ngezokusiphelezela uma sesishonile noma ezokulobola ngoba kuthi kufika leso sikhathi zibe zingasekho ezingeni elifanele,” usho kanje.
Uthe abesifazane nabo bayakwazi ukungena bagamanxe emkhakheni wokukhiqizwa kwenyama ebomvu uma bezimisele.
“Ukukhiziqizwa kwenyama ebomvu kuqala ngokufuya inkomo isiklabhu nokunye. Luselude ukhalo ekutheni nathi singene sigxile kulo mkhakha yingakho sidinga noma ngubani onothando futhi ozimisele ngokukhiqiza inyama ukuthi angene kulo mkhakha angabukeli kude,” kusho uNksz Mdladla.