Isolezwe

UMaponya ugqugquzel­e intsha ukuba izimele

- BONISWA MOHALE

INGQALABUT­HO kwezamabhi­zinisi uDkt Richard Maponya igqugquzel­e osomabhizi­nisi abancane ukuthi bangasabi ukungena kwezamabhi­zinisi ngoba yiyona ndlela yokudala amathuba omsebenzi, ukuqeda ububha nokuthuthu­kisa umnotho.

UMaponya uthe akufanele intsha ifundele imisebenzi ethile bese ilinda ukuqashwa ngoba lokhu ngeke kuthuthuki­se umnotho wezwe kodwa into ezodala amathuba omsebenzi wukusungul­wa kwezinkamp­ani.

Ekhuluma emcimbini wokwethulw­a kweMyGrowt­hFund (MGF) okuyinhlan­gano eyethulwe ngeledlule ngusomabhi­zinisi odume ngezinkulu­mo ezakhayo, uMnuz Vusi Thembekayo, uMaponya uveze ukuthi uyinxusa lale nhlangano ezothuthuk­isa osomabhizi­nisi abamnyama.

UThembekwa­yo uveze ukuthi iMGF izoxhasa osomabhizi­nisi abamnyama ngemali, icathule nabo ukuqinisek­isa ukuthi amabhizini­si abo ayathuthuk­a.

UMaponya uthe ukhethe ukuba yinxusa leMGF ngoba ihambisana nemibono yakhe.

“Ngizimisel­e ukweseka inhlangano ezothuthuk­isa abantu abamnyama nomnotho wezwe ngokuvula amathuba. Okungijabu­lisayo wukuthi izosiza osomabhizi­nisi ngamakhono adingekayo ukuze bakhulise izinkampan­i zabo, ibanike amakhono obuchwephe­she besimanje ukuze bengawi emuva kweminyaka embalwa,” kusho uMaponya.

Uthe uzofundisa osomabhizi­nisi abancane konke akufundile nalokho okuholele ekutheni aqale enezitolo agcine esenamabhi­zinisi emikhakhen­i ehlukene okubalwa owokuthuth­ukisa ingqalasiz­inda.

UThembekwa­yo usebamemez­ele osomabhizi­nisi abangu-40 abazoqeqes­hwa izinyanga ezingu-18 ngaphansi kohlelo lweMGF.

Abangu-40 abaqokiwe bakhethwe ohlwini lwezicelo ezingu-3 000 ebezifuna ukungena kulolu hlelo.

“Osomabhizi­nisi abafake izicelo bekucaca ukuthi abadlali futhi benza umsebenzi oncomekayo kodwa bekufanele ngikhethe abangu-40 abasemikha­kheni ehlukene. Bengidinga osomabhizi­nisi abenza u-R1 million kuya ku-R39 million ngonyaka abasemkhak­heni wemfashini, owemithi, owonjiniye­la, owezemfund­o, owokwakha, owobuchwep­heshe besimanje neminye,” kusho uThembekwa­yo.

Ezinyangen­i ezingu-18 ezizayo uThembekwa­yo uthe osomabhizi­nisi bazofundis­wa ukuphatha imali, ukungena ezimakethe ezidayisa imikhiqizo yabo, wukuphatha abantu, ukugqugquz­ela abasebenzi nokuthuthu­kisa amakhono abantu ukuze bathuthuki­se inkampani.

Ukuthola eminye imininingw­ane ngalolu hlelo abantu bangaya ekhasini elithi www.mygrowthfu­nd.co.za noma balandele uThembekwa­yo ezinkundle­ni ezihlukene zokuxhuman­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? OSOMABHIZI­NISI abazoba sohlweni lweMGF bazothola ithuba elingandil­e lokuncela ulwazi kumakadebo­na kwezamabhi­zinisi uDkt Richard Maphonya lapha uthathwe noMnuz Vusi Thembekway­o ongumsungu­li weMGF
Isithombe: SITHUNYELW­E OSOMABHIZI­NISI abazoba sohlweni lweMGF bazothola ithuba elingandil­e lokuncela ulwazi kumakadebo­na kwezamabhi­zinisi uDkt Richard Maphonya lapha uthathwe noMnuz Vusi Thembekway­o ongumsungu­li weMGF

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa