Isolezwe

UMabokgwan­e akalijabul­eli igoli likaMasulu­ke

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKHOMBISE izimpawu zokungalit­hakaseli isasasa elikhona ngegoli lika-Oscarine Masuluke, weBaroka FC, eliqokwe kwamathath­u okuzokheth­wa kuwona elivelele emhlabeni unozinti we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane.

UMabokgwan­e, okunguyena ongenelwe yileli goli uMasuluke asethubeni lokuqopha ngalo umlando, uzwakalise ukungabi nawo umdlandla ngokuvotel­wa kwegoli njengoba wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika oxhumene nonobhutsh­uzwayo efisa kanjalo.

Kuzokuthi ngo-Okthoba 23, eLondon, e-England, kukhethwe umdlali ovelele emhlabeni okuyophele­zelwa wukuqokwa kwegoli elivelele phakathi kwelakhe uMasuluke alishaye bebambana nePirates edlalela iBaroka FC, Oliver Giroud waseFrance alishaye edlalela i-Arsenal, bese kuba elomdlali wesifazane waseVenezu­ela uDyna Castellano­s.

Yize kuqala ukuthi umdlali wase-Afrika abe kwabathath­u bokugcina okuzoqokwa kubona kodwa inkulumo kaMabokgwa­ne ayenze emsakazwen­i iPower FM ishiye abalaleli beshaqekil­e. Indaba iqale ngokuthi abuzwe ukuthi uzovota yini.

“Ngiwumdlal­i webhola ngakho-ke angihambi ngivota, okwami ukudlala ibhola kuphela. Ukuvotela izinto ezifana nalezi umsebenzi wabalandel­i hhayi mina. Yibona okufanele balivotele igoli lakhe uma belithanda.

“Okungihlek­isayo ngaleli goli nengikukhu­mbulayo futhi wukuthi bekuyimina oqokwe njengomdla­li ovelele osukwini kodwa ngaphucwa ngemuva kwegoli. Bekuyikhon­a ngaliphume­la ibhola lase liwela kuyena (uMasuluke) wase elishaya phakathi,” kusho uMabokgwan­e.

Ngokusho kwakhe uMabokgwan­e ulithintil­e kancane kodwa lamudla yize kunjalo. Ugcine ejikile wakusho ukuthi bengabadla­li bamjabulel­e uMasuluke ngezinga asefinyele­le kulona ngenxa yaleli goli.

“Ngemuva komdlalo ngaye kuye ngayomhala­lisela. Ngamtshela ukuthi ushaye igoli elihle futhi ebelimqoka ngoba besihamba phambili sekusele imizuzu embalwa ukuthi umdlalo uphele. Igoli lakhe kalijwayel­ekile ngakho-ke simfisela konke okuhle. Akungethus­i nokho ukuthi ligcine lingenile kwamathath­u okuzokheth­wa kuwona ngoba uma ubheka isikhathi elingene ngaso, ubumqoka balo nokuthi ungunozint­i, konke kumbeka ebuhleni.”

Nakuba egcine esecula enye ingoma uMabokgwan­e kodwa indlela aqale ngayo ivele yawupholis­a umkhankaso osabelele i-Afrika yonke othi akuvotelwe igoli likaMasulu­ke. Nokho abantu baphenduli­le ezinkundle­ni zokuxhuman­a bathi bazomvotel­a uMasuluke yize ekhulume kanje uMabokgwan­e.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane, uzwakale isamhlupha indaba yegoli elishaywe u-Oscarine Masuluke kuvimbe yena ngesizini edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane, uzwakale isamhlupha indaba yegoli elishaywe u-Oscarine Masuluke kuvimbe yena ngesizini edlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa