Isidumo kudedelwa abathathu ‘kwelamazimu’

Isolezwe - - IZINDABA - NONTUTHUKO NGUBANE

KUSUKE isidumo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMtshezi izolo ngesikhathi kudedelwa amadoda amathathu abeboshelwe amacala athinta ukudliwa kwabantu.

Amalungu omphakathi abengafuni ukusuka ngaphandle kwenkantolo, amanye awo edansa aze adunusele amaphoyisa. Abanye bagcine sebelahla udoti phansi. Amaphoyisa agcine esedubula ezama ukubahlakaza. Abanye balimala ngesikhathi kubalekwa.

Amaphoyisa aze asihlakaza ngesisi esikhalisa unyembezi isixuku sabantu ebesikhala ngesinqumo senkantolo sokuhoxisa amacala abathathu okwesikhashana, umphakathi osubabiza ngamazimuzimu.

UMnuz Lindokuhle Masondo (32) ongumsolwa wesithathu, uMnuz Nhlakanipho Madlala (28) umsolwa wesithupha, noMnuz Sasinu Ndlovu (31), umsolwa wesikhombisa kuhoxiswe amacala abo okwesikhasana kodwa kwathiwa uma kuvela obunye ubufakazi basengaboshwa.

Bebebhekene namacala amabili, elokubulala nelokukhanda uzungu lokubulala.

Amadoda awazange esalinda ukuthi imantshi, uNkk Arthi Sukraj, iqede ukukhuluma, avele azihlalela phansi aze asukunyiswa.

Icala lihlehliselwa u-Okthoba 27 ukuze amadoda asele –oMnuz Nino Mbatha, Sithembiso Sithole, Lungisani Magubane noKhayelihle Lamula – acele ibheyili.

Umshushisi uMnuz Israel Zuma utshele inkantolo ukuthi uthole incwadi evela kumqondisi wabashushisi KwaZulu-Natal imtshela ukuthi amacala ayahoxiswa emadodeni amathathu. Incwadi ayizange izibeke izizathu zokuthi kungani amacala ehoxiswa.

Isolezwe lithole ukuthi amacala ahoxiswe ngoba bungatholakali ubufakazi obuhlanganisa amadoda. Lokhu kodwa akuzange kuqinisekiswe yinkantolo.

Ummeli wabasolwa, uNksz Thandeka Hadebe, uveze ukuthi abasolwa abane bazosebenzisa ilungelo labo lokucela ibheyili.

Ngaphandle kwenkantolo uNkk Dudu Sibisi waseNtabamhlophe ubekhala izinyembezi ethi abaphephile ngenxa yokudedelwa kwamadoda. NoNksz Sizani Ngema waseSigodlweni ubekhala esifanayo.

“Sicela inkantolo ibophe thina ukuze sizophepha ngoba idedela amazimuzimu ukuba azosidla. Ngiyakhala ngomthetho wakuleli. Kungcono ukube kukhulunywa ukuthi badedelwe ngebheyili. Manje badedelwe nje ngaphandle kokuba icala liqulwe. Asiphephile,” kusho uNksz Ngema.

Ikhansela laseSigodlweni le-IFP, uMnuz Mthembeni Majola, lithe liphoxekile kakhulu ngesinqumo senkantolo. “Inkantolo kumele isizamele indawo yokulala ngoba asiphephile ngaphandle. Ngiphoxekile kakhulu isinqumo sabo sokudedela abasolwa ekubeni bazinikela bona esiteshini,” kusho uMajola.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.