UNdunankulu uzolekelela kwabafe ngezikhukhula

Isolezwe - - IZINDABA - ZANELE MTHETHWA

LISHONE elayizolo sekutakulwe izingane ezimbili okusathungathwa unina, ebezinyamalale ngezikhukhula eSiphingo, ngoLwesibili. Izidumbu zikaNolwazi (3) noHope Maphumulo onezinyanga ezingu-18, zitholwe ebangeni elingamamitha angu-250 ukusuka ebhishi eSiphingo.

Unina wazo uNksz Nompumelelo Maphumulo onyamalale nazo akakatholakali. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe lokhu kusho ukuthi isibalo sabashone ngenxa yezikhukhula zangoLwesibili sesinyukele ku-13. Ukugcizelele ukuthi lezi zibalo ngezangoLwesibili kuphela eThekwini nakuba kukhona abashone ngoMsombuluko ngaphandle kwesifundazwe.

Esithangamini nabezindaba izolo, uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Willies Mchunu, uhlanganise amehlo neminye imindeni eshonelwe yizihlobo.

UMnuz Simphiwe Phehlukwayo waseziNqoleni ePort Shepstone, ushonelwe yindodana uBandile (12) obefunda uGrade 6 eNyanisweni Primary.

“Wayengayile esikoleni ngosuku lwezikhukhula, wadudana nabanye bayobheka ukuthi angakanani amanzi kanti uzomuka ebhulohweni. Sisebenze kanzima simfuna. Sizitakulele thina isidumbu sakhe,” uchaza kanje.

UNkk Lahliwe Ngobese waseNquthu, ushonelwe umzukulu uNosipho (9) oshaywe wumphezulu ngoMsombuluko. Uthe wayehlangabeze unina esitobhini. Unina ushe emathangeni walashwa wadedelwa.

Ngawo uMsombuluko eNquthu kushone uMnuz Bheki Mazibuko (44), okuthiwa umuke ezama ukuwela umfula. Izolo, bekukhona nomndeni waseMlaza oshonelwe nguNksz Sizakele Chala (29) odilikelwe wudonga esibhedlela ePrince Mshiyeni Memorial ngoLwesibili. Kulesi sehlo kusinde usana lwakhe olunesonto abeyolushayela isitifiketi sokuzalwa. UNdunankulu uthe inhloso yokuhlangana nemindeni ukuyikhalisa nokuhlela imingcwabo ngoba bazoyilekelela. Uthe bazolekelela yonke imindeni eshonelwe yize eminye bengakaxhumani nayo.

UMchunu uthe okwenza balekelele wukuthi le mindeni ishonelwe esimweni senhlekelele.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.