Uboshiwe osolwa ngokuqola abantu

Isolezwe - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

IBANJWE namabhodlela amabili emithi okuthiwa ithe awokunyamalala uma ibanjwa indoda eboshwe izama ukuqola abantu imali ngokuthatha amakhadi abo asebhange ngoLwesithathu ntambama emgwaqweni uRussell eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe indoda (29) iboshwe yiphoyisa ebelingekho emsebenzini ngesikhathi imatasa igila imikhuba. Kuthiwa ibicuthe eduze kwemishini yokukhipha imali izenza uMsamariya olungileyo kwabadinga usizo lokusebenzisa umshini kanti ifuna ukubaqola.

Kuthiwa uma isisiza abantu ibilinda bashaye izinombolo eziyimfihlo emshinini bese ibaqola amakhadi. Kuthiwa ilahlwe elakubo ngoba bekukhona iphoyisa elisebenza eMtateni, uSergeant Maphumulo, ebelingekho emsebenzini elibonile ukuthi kukhona okushaya amanzi ngayo. Kuthiwa iphoyisa liyilandelile kancane ingaboni, lagcina ngokuyigojela isiyongena emotweni ethize okusolakala ukuthi ihamba ngayo uma isigile abantu.

Kuthiwa iphoyisa liyibophile labe selibiza amanye amaphoyisa, ayiyise esiteshini samaphoyisa eDurban Central.

Ngesikhathi ikhuthuzwa itholwe namakhadi abantu asemabhange, amabhodlela amabili amancane omuthi nemali.

Ngesikhathi indoda ibuzwa ngomuthi ukuthi ngowani ithe ngowokuziqinisa ukuze umsebenzi wayo uhambe kahle ingabanjwa. Ithe uma sekufanele ibanjwe kuba nethunzi ivele inyamalale.

UNdlovu ugqugquzele abantu ukuthi bavulele abantu ababaqolayo amacala eziteshini zamaphoyisa ukuze kuphenywe, amaqola aboshwe.

Uncome iphoyisa ebelingekho emsebenzini kodwa elilekelele ukuze kubanjwe umsolwa.

Bekulindeleke ukuthi indoda ivele izolo enkantolo yeMantshi eThekwini ngecala lokukhwabanisa nokweba.

Isithombe: SITHUNYELWE

APHELILE amaqhinga endodeni ebanjwe kade iqola abantu amakhadi abo asebhange. Esithombeni esishuthekiwe yimali etholakale kuyo namabhodlela emithi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.