Uphenyo ngokuqoqwa kweyezidingo eThekwini

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, isijube ukuthi kuphenywe ngokuqoqwa kwemali yezidingo kwizakhamizi ezakhele lo masipala.

Lokhu kulandela izikhalo emphakathini mayelana nohlelo lomkhandlu lokuqoqa imali yezidingo.

Ethula inkulumo yakhe e-Olive Convention Centre eThekwini izolo, ngemuva konyaka esehhovisi, uNkk Gumede uthe ngeke bakubekezelele ukuthi abantu abahluphekayo bakhokhiswe izizumbulu zemali kungafanele.

“Imenenja yomkhandlu, uMnuz Sipho Nzuza, ngiyicelile ukuba ilusukumele lolu daba. Ngiphinde ngajuba nokuthi kuphenywe,” kusho uNkk Gumede.

Uthe sesiside isikhathi bebhekene nale nkinga, wengeza ngokuthi banethemba lokuthi bazoyinqoba.

Umasipala usumoshe izigidi zemali uzama ukulungisa indlela yokuqoqwa kwemali yamanzi, ugesi nezinye ezidingo.

Kuqashwe inkampani ezimele eqhuba uhlelo olwaziwa ngeRevenue Management System (RMS) okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okuqoqwa ngayo imali emphakathini.

UNkk Gumede uthe okwamanje ngeke bakwazi ukusho ukuthi izinkinga ezikhona zidalwa yini, wengeza ngokuthi bazothola umbiko ogcwele uma sekuqedwe uphenyo.

Uveze nokuthi basanda kuthenga imoto ekwazi ukumelana nezimo eziphuthumayo ka-R9 million, ngenhloso yokuvikela izakhamizi ezimeni zenhlekelele.

UNkk Gumede uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokuthathwa ngo“dli” komhlaba eThekwini.

Uxwayise labo abaqhuba lo mkhuba ngokuthi bazoyikhotha imbenge yomile.

“Sesibe nemihlangano eminingi nezinhlaka zomphakathi kubalwa naBahlali baseMjondolo esikholwa ukuthi ukuhlangana nabo kuzoba wusizo,” kusho uNkk Gumede.

Uthe enye yezinselelo ababhekene nayo ngeyokubulawa kwabantu ehostela iGlebelands naseNtshangwe.

“Siyathemba ukuthi iKhomishini esungulwe nguNdunankulu uMnuz Willies Mchunu izosiza ekutheni kuxazululwe indaba yokubulawa kwabantu,” kusho uNkk Gumede.

Uveze nokuthi sebesungule uhlaka olufaka yonke imikhandlu yosomabhizinisi ngenhloso yokuqhuba uhlelo lokuguqula izisekelo zomnotho nokuqeda isihlava sokuphazanyiswa kwezinhlelo zentuthuko yizinhlangano ezifana noDelangokubona.

NgoLwesibili amalungu ale nhlangano, avale thaqa inxanxathela yezitolo iMega City, eMlaza, ekhala ngokuthi afuna ezitolo ezikule ndawo ziqashe abantu bendawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.