Ugwetshwe udilikajele owadlwengula indodakazi eneminyaka engu-12

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

IGWETSHWE udilikajele yinkantolo yesiFunda eMadadeni indoda elahlwe yicala lokudlwengula indodakazi yayo eneminyaka engu-12.

Inkantolo izwe ubufakazi obuthi le ntombazanyana ibihlale idlwengulwa nguyise bese eyisabisa ngokuthi ingatsheli muntu.

Kuthiwa ngelinye ilanga, unina wale ntombazane wakhohlwa okuthile ekhaya kade ehambile, wathi uma ebuya wafica umyeni wakhe esekamelweni lengane ikhala, wayibuza ingane ukuthi ikhalelani yathi idlwengulwe nguyise.

Uyise wengane wabe eseboshwa.

UKhomishana wamaphoyisa obambile KwaZulu-Natal, uMajorGeneral Bheki Langa usamukele lesi sigwebo esinikwe lona wesilisa, waphinde wancoma nabaseshi ngophenyo lwabo olusezingeni eliphezulu oluholele ekutheni agwetshwe lona wesilisa.

“Amadoda ahlukumeza abantu besifazane nezingane awanandawo lapha emphakathini yethu.

“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi labo abathinteka emacaleni okuhlukumeza babhadla ejele isikhathi eside.

“Sethemba ukuthi lesi sigwebo sizothumela umyalezo nakwabanye besilisa abahlukumeza abesifazane,” kusho uLanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.