Bafuna kujeze abangayilandeli imithetho yamathenda

Isolezwe - - IZINDABA - SIYABONGA MKHWANAZI

AMALUNGU ePhalamende acele uMnyango weziMali ukuthi ujezise izinkampani zikahulumeni ezingawulandeli umthetho wokukhipha umsebenzi ikakhulukazi uma kukhulunywa ngamathenda ama-billion.

Lokhu kulandela ukuthi isikhulu esisabambile kwezokukhishwa kwemisebenzi eMnyangweni weziMali, uMnuz Willy Mathebula, sitshele amalungu ePhalamende ukuthi baphasise amathenda ezinkampani ezingawulandeli umthetho abiza uR37 billion.

Uthe i-Eskom iyona ehamba phambili ngokukhipha amathenda ngaphandle kokulandela imithetho ejwayelekile yokukhishwa kwemisebenzi kahulumeni.

Uthe umsebenzi ukhishwa ngaphandle kokulandelwa komthetho uma kunesimo esiphuthumayo.

UMathebula ubephendula imibuzo yamalungu ePhalamende ngokungalandelwa kwemithetho ezinkampanini zikahulumeni.

UMnuz David Maynier we-DA ubuze ukuthi kungani i-Eskom ikhipha amathenda ngaphandle kokulandela umthetho.

UMathebula uthe kunzima ukuqonda izizathu eziholela ekutheni izinkampani zigixabezwe ngamathenda amabillion kwa-Eskom ngoba bebengazibhalanga izizathu zokunikwa kwezinkampani imisebenzi.

UNkk Thandi Tobias-Pokollo we-ANC, ongusihlalo wekomiti lezimali, uthe ukumosheka kwama-billion ezinkampanini zikahulumeni kusho ukuthi labo abangawulandeli umthetho kufanele bajeziswe.

Ilungu leDA, uMnuz Alf Lees, lithe akumangazi ukuthi i-Eskom ibikhipha umsebenzi ngaphandle kokulandela umthetho kwazise kwenziwa umathanda kuleya nkampani.

UMathebula uthe bazoyicacisa imithetho yabo yokukhishwa kwamathenda ukuze abantu bakwazi ukucacisa ukuthi kungani bekhiphe ithenda yamabillion ngaphandle kokulandela umthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.