Bafuna basebenzise umdanso ukudlulisa umyalezo

Isolezwe - - IMIBONO - FANELESIBONGE BENGU

BAFUNA ukuthi abantu abasha basebenzise umdanso ukudlulisa nanoma ngabe yimuphi umyalezo abafuna ukuwudlulisa abahleli beBambanani Dance Arts Showcase.

Umkhankaso wenziwa yinhlangano ezimele, Isambane Arts Productions, esisebenze ekuthuthukiseni ezobuciko iminyaka.

Umqondisi wohlelo, uVuyisa Mqoqi, uthe ezobuciko namasiko zingafakwa ezinganeni ezisakhula ukuze zibe nokuzethemba futhi zikwazi ukudlulisa umyalezo ngobuciko.

Ifestiveli izobe igxile emdansweni waseNingizimu Afrika.

Kuzoqala kube nenhlolokhono emalokishini ahlukene akhele iTheku neKwaZulu-Natal yonkana.

Ngemuva kwalokho abazotholakala bazohlomula ngo-R8 000 bese beqeqeshwa ngabadansi abanamava. Bazothi uma sebephekiwe bese bebonakala kwifesitvali yomdanso ezoba sendaweni engakaqinisekiswa eThekwini ngoMashi wonyaka ozayo.

“Sithole ukuthi abantu abaningi emalokishini banamakhono kodwa abazi ukuthi ulwazi bazoluthola kuphi,” kusho uVuyo.

Kusasa bazobe beseMlazi Cinema Hall, eMlaza, ngoOkthoba 21 eLamontville Hall, ngo-Okthoba 28 eSphumelele Hall KwaMakhutha, eG Section Hall KwaMashu ngoNovemba 4, KwaDabeka KK Hall ngoNovemba 18 naseDassenhoek Hall ngoNovemba 25.

Kuvumeleke abantu bayo yonke iminyaka.

UMdu Mkhize okhulumela abagqugquzeli uthe sebebonke bafuna abadansi abawu-80.

“Uma abaseMlaza benethalente kakhulu sizothatha khona kakhulu. Bazophinde bahole ngokunandisa kwifestivali,” kusho uMdu.

ABANYE babadansi abangenele umncintiswano weBambanani Dance Arts Showcase othungatha abadansi emalokishini ehlukene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.