Ubuso obusha kwi-All Access Mzansi

Isolezwe - - IMIBONO - NOKUBONGWA PHENYANE

UBUSO obusha yibona obugqame ohlelweni oluqale ngoLwesibili ebusuku i-All Access Mzansi.

ULawrence Maleka, K Naomi noDash bethula lolu hlelo oluhambela imicimbi emikhulu enosaziwayo bakuleli.

Kubuye kukhulunywe nabo ngezinto ezahlukene abazenzayo.

UMbali Nkosi nguyena methuli walolu hlelo obuyile kule sizini obekhona nakwedlule.

UThato Malamu olingisa emdlalweni iThe Queen, noNomalanga Shozi weGagasi FM akade bekhona kwisizini edlule ababuyanga.

Umqondisi wezinhlelo zakuleli kwaM-Net uReneilwe Sema uthe bakujabulele ukusebenza nentsha ekhombisa ukukhula emkhakheni wethelevishini.

“U- 2017 ungomunye weminyaka ebe nemicimbini emikhulu futhi edonsa amehlo abantu abaningi kuleli. Kuningi okusha okuzobonakala kulolu hlelo njengoba sinanabaxhasi abasha. Kulo nyaka sizohambela ngisho abadlali bemidlalo eyahlukene bakuleli sikhulume ngezinto abazithandayo ezithinta ubumnandi,” kuchaza yena.

ULawrence Maleka wazakhela ugazi kubantu bakuleli ngesikhathi engena esikhaleni sikaBonang Matheba ohlelweni lwamakhwaya iClash of The Choirs.

Umkhangisi wezimonyo zobuso uK Naomi uzakhele igama kuleli ngokukhangisa ngemfashini yabasiki bengqephu bakuleli emicimbini eyahlukene emikhulu kuleli.

UDash uqale ukugqama eqenjini lomculo laseThekwini iDreamteam, wase ebonakala ethula uhlelo iV-Entertainment, oselukhonjiswa kuVUZU AMP.

Uhlelo i-All Access Mzansi lukhonjiswa ngoLwesibili ngo-9.30, kuMzansi Magic (DStv Channel 161).

ILUNGU leqembu iDreamteam, uDash, eselingene shi ekwethuleni izinhlelo lingomunye wabethuli abasha bohlelo i-All Access Mzansi eqale ngoLwesibili

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.