Bayavela abasebenzi ngelokugqekeza

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

BAZOVELA namuhla enkantolo yeMantshi eNtuzuma abasebenzi ababili besitolo, iSuperSpar osemgwaqweni uMalandela, KwaMashu abasolwa ngecala lokugqekeza lesi sitolo.

Kuthiwa laba basebenzi baboshwe ngoLwesithathu ngemuva kokuthi kubukwe amakhamera akulesi sitolo esigqekezwe ngeSonto.

Isolezwe lithole ukuthi inkampani yonogada egada esitolo yathola umyalezo wokukhala kwe-alarm esitolo, onogada banikela kuso.

Kusolwa ukuthi ababegqekeza baphazanyiswa ukukhala kwe-alarm bengakathathi lutho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa nonogada bathola ukuthi ababengene esitolo babengene ngophahla nokuthi base bebalekile endaweni yesehlakalo.

Uthe kwavulwa icala lokugqekeza indawo yebhizinisi kanti kwathi uma sekubukwa okuqoshwe yikhamera kwabonakala ukuthi abasebenzi ababili bakulesi sitolo yibo abasolwa.

“Laba basolwa oneminyaka engu-24 noneminyaka engu-26 baboshiwe ngoLwesithathu besemsebenzini. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele kusasa (namuhla) enkantolo ngecala lokugqekeza.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.