Uyazihlangula kweseChiefs u-Ertugral

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

UMAKADEBONA womqeqeshi uMuhsin Ertugral uyazihlangula esigqikini sokucija iKaizer Chiefs ake wamataniswa nayo emasontweni edlule.

Njengamanje nguSteve “Mphathi” Komphela ophethe izintambo kuMakhosi. Inkontileka yakhe kwiChiefs iyaphela ngoJuni. UKomphela usehlale kwiChiefs amasizini amabili nohhafu. Kusuka efikile akakaze athathe ngisho esisodwa isicoco.

Ngesizini yakhe yokuqala ufinyelele kowamanqamu weMTN 8 neTelkom Knockout kodwa wakhala ngaphansi kwiAjax Cape Town neMamelodi Sundowns ngokulandelana. Ngeyedlule uKomphela uphinde waqeda isizini eshwiba izandla naMakhosi.

Kule sizini ka-2017/18, uKomphela uvele usephumile kwiMTN 8 kanti akazange aqale kahle emidlalweni ye-Absa Premiership. Emdlalweni wokugcina weligi uKomphela uphume kanzima enkundleni, abalandeli besho ukumudla luhlaza kulandela ukuguqiswa yiBaroka FC ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

U-Ertugral, oseke wabonakala emidlalweni yeligi emasontweni edlule, utshele Isolezwe ukuthi ngeke amgile uKomphela.

“IChiefs ayikaze ingithinte. USteve ungumngani wami futhi ngisebenzile naye eyiphini lami. Angisoze ngamhamba ngemuva. Ngikholwa wukuthi umqeqeshi ofana naye imfanele iChiefs futhi usengazijika izinto. Angikaze ngikhulume naye ngimeluleke ngesimo abhekene naso. Uma umuntu esesimweni sakhe ngicabanga ukuthi kusuke kungesisona isikhathi esihle sokuxoxa naye,” kusho u-Ertugral.

Lo mqeqeshi odabuka eTurkey uyicije amahlandla amabili ngokwehlukana iChiefs. Ngo-1999 kuya ku-2003 nguyena obeshayela umkhumbi weChiefs. Unqobe inqwaba yezicoco. Ngo-2007 kuya ku-2009 u-Ertugral nguyena futhi obelolonga iChiefs.

“Okwamanje angijahile ukuthola umsebenzi ngoba kumele ngithathe isinqumo esifanele. Akhona amaqembu akuleli ake angithinta. Empeleni bekumele engabe ngiqeqesha iqembu elidlala kwi-English Championship. Ngiphazanyiswe wukungalungi kwamaphepha okusebenza e-England. Inkontileka ibiphambi kwami futhi sesivumelene ngayo yonke into.

“Ngenxa yokuhamba kwesikhathi ngigcine ngiphuthwa yilo msebenzi. Njengamanje ngisebenzela iFifa, ngisekomidini labaqeqeshi. Ngiphinde ngisize neqembu lesizwe laseTurkey ekutheni likwazi ukuvundulula ikhono,” kusho u-Ertugral.

Lo mqeqeshi ugcine ukubonakala kwi-Absa Premiership ngesizini edlule ecija i-Orlando Pirates.

BACKPAGEPIX Isithombe:

UMUHSIN Ertugral uthe akukho okumhlanganisa nokuyoqeqesha iKaizer Chiefs ngoba uyamhlonipha uSteve Komphela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.