UTaylor ubona ingozi kuBrockie

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

IPHINI lomqeqeshi kwiCape Town City, u-Ian Taylor, likhathazekile ngobungozi bomgadli weSuperSport United, uJeremy Brockie, ohlale ewuhlupho emaqenjini amaningi kwiAbsa Premeirship.

ICity izobhekana neSuperSport kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-7 ebusuku. Ungowokuqala womqeqeshi we-The Citizens, uBenni McCarthy,okufanele aqhamuke neqhinga lokugoba uBrockie iSuperSport enqabile ukumdayisela iMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini. Esithangamini nabezindaba, eThekwini izolo, uTaylor, uvumile ukuthi bayabazi ubungozi bukaBrockie osanda kwephula irekhodi lokungehlulwa leMaritzburg United emidlalweni yeligi ka-2017/2018.

“Uyingozi uBrockie. Usenesikhathi edlala kuleli, sonke sesiyamazi. Siyibhekisisile iminyakazo yakhe ebhokisini. Okufanele sikwenze wukuvala abadlali abamuphakela ibhola. Okunye ngaye nakuba sonke simazi ukuthi udlala kanjani kodwa amagoli uwashaya kunjalo,” kusho uTaylor.

“Kufanele amakwe ebhokisini, sivale lapho amabhola eqhamuka khona, senze isiqiniseko sokuthi akawatholi agotshwayo. Uhlakaniphile, uyadukelana ebhokisini ngesikhathi abadlali basemuva belibele wukubuka ibhola. Uma sivumile wasidukela, uzosijezisa.”

Ngesizini edlule, iSuperSport ihlule i-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup eThekwini.

ISuperSport yanqoba iMTN8 isabizwa nge-SAA Super 8 ihlula iKaizer Chiefs kowamanqamu isaqeqeshwa nguPitso Mosimane eThekwini ngo-2004.

Iphini lomqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo, uthe: “Abadlali bazizwa benethezekile uma bedlala eThekwini. Lona umdlalo wamanqamu, bonke abadlali bafuna ukuba yingxenye yawo. ICity yenza kahle okwamanje. Sineqhinga lokubhekane neqembu lonke okuzokwenza sikwazi ukumelana nomdlali ngamunye.” kusho uTembo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.