Ongakwenza lapho kuhlasela izikhukhula

Isolezwe - - EZEZIMOTO -

NJENGOBA ezinsukwini ezedlule bekuhlasele imvula enamandla ezingxenyeni ezithile zeGoli naKwaZulu-Natal, iMasterDrive ikhiphe amathiphu okushayela emvuleni.

Suka kusenesikhathi esanele sokuhamba khona ungezujaha esimweni esimbi sezulu

Hamba ngejubane elifanele, ungavele unciphise ijubane kungenasidingo ngoba lokhu kungaba nobungozi

Ukushayela budedengu kungenza ukuthi imoto ishibilike

Ungayisebenzisi i-cruise control

Bamba amabhuleki kusenesikhathi futhi uqaphele

Shiya isikhala esithe xaxa olandela ngaso enye imoto

Enza isiqiniseko sokuthi akukho okuzokuphazamisa emotweni ngaphambi kokuthi uhambe

Uma imoto ishibilika, susa kancane unyawo emafutheni, ungabhuleki ngamandla noma unyakazise kakhulu isiteringi. Ukushayela uma kunezikhukhula

Okokuqala, gwema amabhuloho aphansi noma izindawo ezinamanzi amile emgwaqweni. Nakhu ongakwenza uma uficwa yizikhukhula:

Qagela ukuthi amanzi angakanani. Linda kudlule imoto eyodwa ngesikhathi. Ungalokothi udlule emanzini ahamba ngokushesha ngisho ama-4x4 angakhukhuleka emanzini angu-60cm. Shayela kancane ngo-1 noma ngo-2 noma ngegiya eliphansi ezimotweni ezizishintshayo. Uma usudlulile emanzini hamba unyathela kancane amabhuleki khona ezokoma. Uma imoto yakho ima ingenwe ngamanzi, akumele uyidumise. Kungcono ubize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.