Intofontofo emgwaqeni iNavara

Isolezwe - - EZEZIMOTO - FANELESIBONGE BENGU IMOTO: NISSAN NAVARA 2.3 DDT 4x4 LE DOUBLE CAB AT

IZIMOTO ezidayisa kakhulu eNingizimu Afrika ngamaveni kanti nokuthengwa kwamaSUV kuyakhuphuka emhlabeni jikelele.

Lokhu akwenzeki ngenhlanhla kodwa yingoba izinkampani zenza isiqiniseko sokuthi zakha amaveni asezingeni eliphezulu.

Okuheha abantu wukuthi amaveni akusesizo kuphela izimoto zokusebenza kodwa nansukuzonke uyakwazi ukuziyela ngawo emsebenzini kungabi ndaba zalutho.

Enye inkampani eneveni elisezingeni eliphezulu yiNissan eneNavara entsha. Le moto yethulwe ngasekuqaleni konyaka. Yize kunjalo kodwa kusenabantu obezwa bebuzana ukuthi yiNavara entsha le uma beyibona.

Yakhiwe ngeV-motion design njengoba i-grille egqize nge-chrome imise okukaV. Lo V uze waqoshwa nasesivalweni sasesikhenkeni ngemuva.

Ngaphambili igabe ngamalambu angamaLED ahambisana nama-daytime running lights nawo angamaLED. Inhlobo ephezulu inamaindicator nawo angamaLED ezibukweni.

Eceleni ishaye ngesitebhisi sokugibela, inamarimu angu-16 inch kuthi inhlobo ephezulu yona igqoke u-18 inch alloy. Ngemuva inamalambu amasha futhi ine spoiler esisiza uma ihamba emoyeni.

Le moto ihlukene ngezinhlobo ezintathu ezingama-double cab. Zihlukene ngezinto eziphuma nazo kanjalo namagiya kwazise kukhona enamagiya ayisithupha ashintshwayo kanjalo nayisikhombisa azishintshayo.

Isikhenke silulwe ngo-67mm uma kuqhathaniswa nendala futhi ukushona phansi singu-474mm sisuka ku-456mm lokhu okwenza sibe nesikhala esingu-1 061 litres. Ingakwazi ukuphatha impahla engu-1 002kg. Umhlaba iwushiye ngo-229mm.

Ngaphakathi ungafunga ukuthi yiSUV njengoba ine touchscreen esinenkombandlela, radio, idlala iCD, MP3/MPEG4, DVD, VCD, Bluetooth konke okulawulwa ngamabhathini asesiteringini.

Inane air conditioner ephuma ngisho kubagibeli bangemuva, cruise control, amalambu ayazikhanyisa, idunyiswa ngebhathini futhi inama-airbag ayisikhombisa ahlanganisa neyasemadolweni kumshayeli.

Izihlalo zesikhumba ozifaka uma uthanda ziyakwazi ukushisa noma zibande. Le ebengihamba ngayo bezikwazi ukushisa ezangaphabili ngokuciphaza ibhathini. Ezangemuva ezihlala abagibeli abathathu zona azikwazi. Izinjini namandla INavara ishaya ngenjini engu2.3 litre twin-turbo diesel engine. Inamandla angu- 140kW ne-torque engu-450N. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu6.5 kadizili kanti ingakwazi ukuhamba ngaphezulu kuka-1 000km ima ithangi layo elingu-80 litre ligcwele. Ngike ngahamba ibanga elingu-234.8km yangitshela ukuthi isebenzisa amalitha angu9.0 ngo-100km.

Imagiya ayisithupha ashintshwayo nenayisikhombisa ezishintshayo. Bathi ngenxa yamandla enawo ingakwazi ukudonsa into enesisindo esifinyelela ku-3 500kg.

U-gearbox wayo ozishintshayo ngiwuthandile ngoba igiya ilifaka ngendlela onyathela ngayo ukuze ikunikeze amandla owadingayo.

Uma uzihambela kahle nayo amagiya iwafaka ngendlela yokuthi ama-revvs abe phansi ukuze yonge. Uma ugijima mhlawumbe ufuna ukudlula enye imoto, igiya iyalibamba ukuze ibe namandla afanele ukubhekana nesimo okuso ngaleso sikhathi.

Esiteringini futhi ilula lokhu okusizwa nawukuthi isisindo sayo sehlile.

Le moto idonsa ngawo womane amasondo. Okuhle wukuthi uma ufuna ukushintsha ukuthi ihambe ngamasondo amangaki awudingi ukuma kodwa uma uhamba ngejubane elingaphansi kuka-100km/h ungakwazi. Ungayifaka ekutheni idonse ngamabili, womane ku-4H noma ku-4L. Ngakwezokuphepha iphuma ne-Active Brake Limited Slip Differential System, Vehicle Dynamic Control system, amabhreki e-ABS, Hill Start Assist neHill Descent Control.

Njengamanje emagaraji akuleli sekuthunyelwe alinganiselwa ku-700 kanti banethemba lokuthi bazokwenza kahle. Intofontofo emgwaqeni Uma uhamba ngeNavara entsha uze ukhohlwe ukuthi uhamba ngeveni ngenxa yokuba ntofontofo kwayo nokuthula kwayo emgwaqeni.

Okwenza lokhu wukuthi ine-suspension ngemuva eyenza ukuthi ingazweli emabhampini. Le suspension abathi yi coil spring five-link rear suspension yenza ukuthokozele ukuhamba ngale moto. Engikuqaphelile nokho wukuthi ngaphambili iqinile okwenza ushayeke kabuhlungu uma ungena ebhampini kodwa ngenxa yokuba ne-wheelbase ende nale suspension ngemuva, abagibeli bengazweli. Amanani Nissan Navara 2.3 DDTT 4x4 SE Double Cab MT – R518 900

Nissan Navara 2.3 DDTT 4x4 LE Double Cab –MT – R567 900

Nissan Navara 2.3 DDTT 4x4 LE Double Cab –MT + leather seats – R580 900

Nissan Navara 2.3 DDT 4x4 LE Double Cab AT –R587 900

Nissan Navara 2.3 DDT 4x4 LE Double Cab AT + leather seats – R599 900

Iphuma ne-warranty yeminyaka eyisithupha noma ibanga lika-150 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma ibanga lika-90 000km.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.