IFiat ngeke isayidayisa iDodge neChrysler kuleli

Isolezwe - - EZEZIMOTO - INTATHELI YEZEZIMOTO

I-FIAT Chrysler SA imemezele ukuthi ngeke isayidayisa iDodge neChrysler eNingizimu Afrika kodwa iJeep ayiyi ndawo.

Isizathu esenze ukuthi le nkampani ihoxise lezi zimoto kuleli wukuthi ekomkhulu layo e-US banqume ukuthi ngeke besazenza ezishayelwa ngakwesokudla.

IChrysler neDodge zivele zizinciphisile izimoto zazo kuleli eminyakeni eyedlule njengoba idayise kuphela iJourney kanti iChrysler idayise i-300C neVoyager.

Le nkampani ithe isazoqhubeka nokusevisa izimoto zakwaChrysler neDodge emagaraji ayo.

Le nkampani kulindeleke ukuthi yethule iJeep Compass entsha ekuqaleni konyaka ozayo neWranger. Enye okuthiwa isendleleni yiGrand Cherokee Trackhawk enamandla angu-527 kW.

IFiat izokwandisa umndeni wayo njengoba izokwethula iStelvio SUV.

Ngaphezu kwalokhu ithembise ukwandisa amagaraji ayo ngokuthula elinye eThekwini, Menlyn, Fourways naseSandton.

DODGE JOURNEY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.