Uhla lwabashayeli abazobe beshaya isidudla emcimbini waminyaka yonke

Isolezwe - - EZEZIMOTO - FANELESIBONGE BENGU

SELUKHISHIWE uhla lwabashayeli abazobe bekhombisa ngethalente labo lokushaya isidudla emcimbini waminyaka yonke iMsinga Driftkhana, eMphelankani, eMsinga, ngo-Okthoba 28.

Umcimbi kuzoba kungokwesithupha uba khona nonyaka.

Abashayeli abazobe bedlala izimoto nguSam Sam, Muzi “Team Numbi” Austin, Reece, Black Prishnu, Lefa Lenja, Magesh no-Eddie Boy.

Kulo mdlalo abashayeli bashaya izidudla futhi babekelwe namapali okumele bachushe kuwo imoto ibe ihamba ngecala.

Kuzoqala nge-pre party ngo-Okthoba 27 eduze ne-swimming pool kuyona le ndawo. Kungenwa ngo-R50.

Kulo nyaka ngeke kugcine ngokudlalwa izimoto kodwa amaqembu ezophinde encintisane ngezinye izindlela ezifana nebhola lamaqembu anamalungu amahlanu, iqembu eligqoke kahle, imoto enhle neminye. Ebusuku kuzoba ne-after party. Amathikithi okungena awu-R100, izingane kube wu-R50 kuthi iVIP ibe wu-R500. Abafuna ukuzihlalela egunjini elimumatha abantu abawu-20 wu-R15 000.

Omunye wabahleli bomcimbi, u-Arthur Mbhele, uthe bacela abantu ukuthi babanikelele nangokudla okusemathinini nanoma yini enye abangayipha umphakathi ohlwempu.

“Njengoba kuyinyanga yokuthutha nje, sifuna ukuqwashisa abantu ngokuphepha emgwaqweni ngoba umdlalo walolu hlobo kumele wenziwe endaweni ephephile,” kusho uMbhele.

Uthe bamema bonke abashayeli bamaJeep ukuthi bahlanganyele nabo e-Engen Garage ePavilion ngo-9 ngo-Okthoba 28. Kuzoba nojenga oluhlanganisa nezithuthuthu lubheke emcimbini. Ngo-11 bazobe beseSasol eMgungundlovu kuthi ngo-12.30 babe se-Engen Garage eGreytown. “Inhloso yalokhu wukugqugquzela abantu ukuthi bavakashele eMzinyathi,” kusho uMbhele.

SELUKHONA uhla lwabashayeli abazobe bedlala izimoto kwiMsinga Driftkhana, eMphelankani, ngoOkthoba 28 Isithombe: David Ritchie

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.