Kuyanyuka ukubhalisa izimoto

Isolezwe - - EZEZIMOTO - THAMI MAGUBANE noNOSIPHO MNGOMA

ABASHAYELI kuzomele bangene bagamanxe emaphaketheni uma befuna ukubhalisa izimoto zabo kusukela ngoFebhuwari.

Inani lizokhuphuka ngokuphindwe kane kunemali okuhlale kukhuphuka ngayo minyaka yonke.

UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uJoe Maswanganyi umemezele lokhu kuleli sonto.

Esitatimendeni esikhishwe wumnyango wakhe sithe ngokweRoad Traffic Management Corporation Act izikhungo zokubhalisa izimoto kumele zikhokhele iRoad Traffic Management Corporation ingxenye ethile yemali kubo bonke abashayeli ezibasizayo.

“Lokhu kudluliselwa kumuntu ofaka isicelo bese kwengezwa emalini yaminyaka yonke yokubhalisa,” kusho isitatimende.

Imali izokhuphuka ngoR30 isuke kuR42 iye kuR72 kusukela ngoFebhuwari 1.

Imibiko ithe lokhu kusho ukukhula kakhulu uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule njengoba ibilokhu ikhula kancane kusukela ngo-2009.

Ithe lokhu kukhuphuka kuzoba nomthelela kubashayeli ezweni lonke njengoba ukubhalisa kwemoto kuhluke ngesifundazwe futhi kuncike ekutheni imoto ingakanani nesisindo sayo.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uKwanele Ncalane uthe baxoxisana noMnyango wezokuThutha kuzwelonke ngalokhu ngenxa yomthelela wakho esifundazweni.

“Siyisifundazwe esibiza kakhulu ezweni uma kuziwa ekubhalisweni izimoto. Lokhu kwenza ukuthi abantu babhalise izimoto zabo ngaphandle kwesifundazwe nokukhinyabeza imali yethu. Lokhu futhi kwenza kube nomkhonyovu ngoba uma abantu bebhalisa izimoto zabo kwezinye izifundazwe asinayo indlela yokusho ukuthi izimoto zabo zihloliwe ngempela yini,” kusho uNcalane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.