Imizamo yamagatsha ukubamba umnqamulajuqu

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

LISHONE elayizolo amagatsha amaningi e-ANC ezama ukuhlalisa imihlangano yawo njengoba efuna ukubamba umnqamulajuqu wangoLwesithathu.

Imihlangano yamagatsha iqale ukuhlala ngo-Okthoba 14 kanti kulindeleke ukuthi ibe isihlale yonke ngoNovemba 15.

Ethintwa izolo ntambama, umkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe usemhlanganweni lapho ejutshwe khona ku-ward 10 KwaNzimakwe ukuyohlalisa igatsha lakhona.

“Ngimatasa lapha nomhlangano ngicela uzame uNobhala we-ANC uMnuz Super Zuma,” kusho uNtuli.

UNtuli uthe nangoMgqibelo maningi amagatsha ahlalile, wengeza ngokuthi kodwa ubengakawutholi umbiko ogcwele wokuhlala kwawo.

Ethintwa noNobhala we-ANC eLower South Coast, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi, uthe usemhlanganweni ku-ward 3, eHarding bahlalisa umhlangano wegatsha lakhona.

Khonamanjalo, sekuhlehliselwe uNovemba 30 ukulalelwa kwesicelo sokudluliswa kwesinqumo seNkantolo eNkulu yeseMgungundlovu sokuchitha ubuholi be-ANC esifundazweni.

Bekulindeleke ukuthi icala liqulwe namuhla. Okhulumela uhlangothi lukaMnuz Senzo Mchunu, uMnuz Sthembiso Mshengu, uthe baphoxekile ngokuhlehla kwecala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.