Amisiwe amabhasi kwabezitimela

Isolezwe - - IZINDABA - PHILI MJOLI

KUZOTHATHA izinyanga ezintathu kuya kwezine ukulungiswa kwengqalasizinda ehamba izitimela phakathi kweReunion naseManzimtoti, okuyimanje ayikalungiswa ngemuva kwemvula enamandla eyadala umonakalo ngenyanga edlule.

Abagibeli bezitimela sebeyalelwe ukuthi basebenzise ezinye izinto zokuthutha njengoba amabhasi abebathutha ukuze bayoxhuma izitimela emizileni esebenzayo emisiwe ukusebenza ngesonto eledlule.

AbakwaPrasa Metrorail bathi baphelelwe yimali yokukhokhela lawo mabhasi, abethutha abagibeli kulo mzila kusukela kwalimala ojantshi besitimela, ngesikhathi kunezikhukhula kule ndawo ngenyanga edlule.

UNkk Isabel Van Der Westhuizen okhulumela iPrasa Metrorail, uthe ukuthutha abagibeli ngamabhasi kulezi ziteshi kugcine sekuba yizindleko ezinkulu enkampanini.

“Sinqume ukuthi sigxile ekulungiseni ojantshi nengqalasizinda. Izinkampani ezizolungisa le ngqalasizinda ziqokwe ngalo isonto eledlule kodwa azikaqali ukusebenza,” kusho yena.

Uthe abagibeli bazisiwe ngalesi simo kodwa abanye abazange bakwamukele kahle lokhu.

“Siyazi ukuthi lesi sinqumo sibahlukumezile abagibeli bethu kodwa beyingekho enye into ebesingayenza. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyawazisa umphakathi ukuthi izinkampani ezinikezwe umsebenzi wokulungisa ojantshi zibeka isikhathi esingakanani sokuthi zenze lo msebenzi, “kusho yena.

Uthe isikhathi sokulungisa esibekiwe njengamanje sishiwo ngonjiniyela babo kodwa kungenzeka ukuthi izinkampani ezizolungisa zisho esingafani naso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.