Kushone abangu-8 kugingqika iloli
UZOPHINDE avele namuhla eNkantolo yeMantshi eNquthu umshayeli weloli oneminyaka engu-23 okusolwa ukuthi ubeqisile ezimbizeni zikaFaro ehamba ngesivinini ngesikhathi kwehla ingozi okushone kuyo abantu abayisishiyagalombili kwalimala abangaphezulu kuka-70.
Kwabashonile kukhona nabafundi abathathu.Umshayeli, ongeke adalulwe ngenxa yobucayi bodaba, uvele izolo enkantolo ngecala elihlobene nengozi eyenzeke ngeSonto ebusuku ePhologo, eNquthu, icala lahlehliselwa inamuhla ngoba kulindwe obunye ubufakazi.
Ingozi yehle ngesikhathi abakhwenyana besuka kwaNgobese lapho bekunomcimbi wokubamukela sebebuyela ekhaya KwaGwetshana, eNquthu.
Kuthiwa iloli ebelithwele abantu abalinganiselwa ku-80 lihlulekile wukujika ekhoneni lachitha abantu abebengemuva abanye labacindezela. Kushone omakhelwane nabakwamkhwenyana okuthiwa sewashona, uMnuz Sicelo Sithole. Umcimbi kuthiwa bekungowokugcina usiko.
Bekhuluma neSolezwe abasindile bathe umshayeli ubebukhile ehamba ngesivinini. Omunye osindile, uMnuz Philani Sithole, uthe umshayeli ufike ngeSonto ekuseni ezobalandakodwa bamtshela ukuthi akalinde kancane ngoba kukhona abasakwenza.
“Wasitshela ukuthi asibuye simbize ngoba usafuna ukuyoshaya kancane. Akuphelanga mizuzu emingaki sisukile ngabona iloli isihlulwa yijika yagingqika. Ngiphaphame esibhedlela,” kusho uSithole.
UMnuz Mjikelwa Nyathi (64) olaliswe esibhedlela eNquthu, iCharles Johnson Memorial uthe ubehlezi ngaphambili elolini ligijima.
“Ngicishe ngafa, iloli lihlulwe yijika. Ngesikhathi sisuka lapho bekunomcimbi khona abantu bebememeza ngemuva bethi yishaye, umshayeli naye elokhu ekhuphula isivinini. Abantu bebegida bejabula ngemuva kanti uzoyigingqa lo mfana kushone abantu. Angazi ngisinde kanjani,” kusho uNyathi. Ngemuva kwengozi umshayeli kuthiwa ubalekile abantu bamjaha bamshaya walanyulelwa amaphoyisa.
UMnuz Felokwakhe Ngobese ongumfowabo kamakoti, uNksz Layekile Ngobese, uthe badumele ngoba umcimbi uhambe kahle kwaphoxa ingozi.
“Besihlabe inkomo nezimbuzi ezine, savalelisa kahle kubakhwenyana sijabula ngoba umcimbi wokubamukela ekhaya uhambe kahle. Akuphelanga imizuzu engu-10 sathola ukuthi kubhujiwe. Sifike saphakamisa iloli sizama ukukhipha abantu abebecindezelekile,” kusho uNgobese.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe mathathu amacala avuliwe, elokubulala ngokungenhloso, elokushayela umshayeli ephuzile nelokushayela budedengu.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe bazwile ukuthi umshayeli ubebukhile futhi nemiphumela yokuhlolwa kwakhe ikhombisa ukuthi ubeqisile esikalini esibekiwe.
UNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane udlulise amazwi enduduzo emindenini yabafundi abashonile.
Endaweni yesehlo bekusasele izigubhu ebezigcwele utshwala nezinye iziphuzo. Iloli ligcinwe amaphoyisa.