Ahlukile amanesi asebenza esibhedlela eNkosi Albert Luthuli

Isolezwe - - IMIBONO -

MHLELI: Ngihlala ngisibuka ngaphandle isibhedlela iNkosi Albert Luthuli, bengingakaze ngingene ngaphakathi. Ngibe nenhlanhla ngathola ithuba lokungena ke ngisibone kahle. Sisezingeni eliphezulu ngezindlela eziningi. Sihlanzekile, amagumbi okulalwa kuwo abangaphilile asezingeni eliphezulu.

Kukhona nendawo enhle la kuhlala khona abalinde ama ambulance namabhasi abasuka kwezinye izibhedlela. Indawo edayisa ukudla ngaphakathi isezingeni eliphezulu. Abaqhuba iziguli ngezinqola baziqhuba ngobunono, abahlengikazi bakhona uma kukhona okubuzayo bakuphendula ngomoya omuhle. Phela uyaduka uma uhamba ngaphakathi ugcine sewubuza kubona.

Abahlengikazi awubaboni behla benyuka namaqhoks ema phaseji futhi akubona laba bahlengikazi abazisa isikhathi setiye njengakwezinye izindawo. Yibambeni kanjalo nje ningakuyeki enikwenzayo. Mbongiseni Dlamini E-NEWLANDS WEST

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.