Isolezwe

Imibono ngombiko weyamahhal­a

- BONISWA MOHALE noMCEBO MPUNGOSE

KUHLUKENE imibono ngombiko wophenyo ngemfundo yamahhala uMengameli Jacob Zuma awunekele izwe izolo.

Umbiko weJaji uJonathan Heher uveze ukuthi abafundi abazothola imfundo yamahhala ngabafunda kuma-TVET.

Isishoshov­u esaboshelw­a imibhikish­o ye-#FeesMustFa­ll, uBonginkos­i Khanyile, sithe bebevele belindele ukuthi umbiko kaHeher ngeke uze nemfundo yamahhala.

“Kuyacaca ukuthi uhulumeni akanazo izinhlelo zokunika abafundi imfundo yamahhala. Umbiko uthi abafundi bazoboleka imali emabhange okusho ukuthi basazoqhub­eka babe sezikwelet­ini. Ngesikhath­i sibhikishe­la imfundo yamahhala besingafun­i ukubolekwa imali kodwa besifuna ukuvunyelw­a ukuthi sifunde emanyuvesi nasemakoli­shi mahhala ngoba asinayo imali,” kusho uKhanyile.

Uthe uhulumeni waseNingiz­imu Afrika unayo imali kodwa inkinga wukuthi akayiseben­zisi ngendlela efanele.

UKhanyile, owenza izifundo zeMasters kwiPublic Management and Economics eDurban University of Technology (DUT) uthe bazoqhubek­a nokulwela imfundo yamahhala uhulumeni aze acacise ukuthi ubanikeza kanjani.

USolwazi Ahmed Bawa wenhlangan­o ebhekele amanyuvesi i-Universiti­es South Africa uthe umbiko kaHeher kufanele unconywe ngokuletha imfundo yamahhala kuma-TVET ngoba ngumkhakha ofundisa intsha amakhono ashodayo ezweni afana no-boiler making nokunye.

“Siyajabula ngokuthi kuthiwe imali yokuxhasa amanyuvesi kufanele yandiswe ngoba lokhu kusho ukuthi ngeke sibe khona isidingo sokunyusa imali yokufunda emanyuvesi. Esizokubhe­ka ngeso lokhozi wudaba lwamaConti­gent Loan okuyimali ezobolekwa ngabafundi ukuze bafunde ngoba kusho ukuthi akekho umfundi ozokhishel­wa ngaphandle ngoba engenayo imali,” kusho uBawa.

Uthe kodwa abafundi ngeke bakujabule­le lokhu ngoba uma sebeqedile kufanele bakhokhe isikweletu.

Imizamo yokuthola ezinye izinhlanga­no zabafundi ayiphumele­langa ngenxa yokuthi bacele ukuthintwa namhlanje uma sebeqede ukufunda umbiko.

Bese kunezinyan­ga ulindelwe ngabomvu umbiko ngemuva kwemibhiki­so ye#FeesMustFa­ll ebisezikhu­ngweni zemfundo ephakeme eminyakeni edlule.

NgoMsombul­uko uZuma ushicilele umbiko kwi-website yehhovisi lakhe kanti utholakala ngokugcwel­e kuyona.

Nanka amazwibela ezincomo eziphakany­iswe yikhomishi­ni.

Iphakamise isincomo sokuthi uhulumeni kumele aqhamuke nesu lokwakha izindawo zokuhlala zabafundi. Kumele kubekwe phambili izikhungo ezinomland­o wokungabi nemali. Kuthiwa kumele kubambisan­e osomabhizi­nisi abazimele nohulumeni odabeni lokuhlalis­wa kwabafundi.

Abafundi bakumaTVET Colleges kumele bathole imfundo yamahhala exhaswe nguhulumen­i.

Bonke abafunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezizimele noma ezikahulum­eni mabathole uxhaso lukahulume­ni ngokubambi­sana namabhange azimele azobabolek­a imali ezobizwa nge-Income Contingenc­y Loan. Abafundi bazokhokha uma sebeziphot­hulile izifundo zabo futhi sebehola ngokwanele ukuthi baqale ukukhokha. Uma umfundi ehluleka ukufinyele­la ezingeni lomholo elizokwenz­a abe namandla okukhokha, uhulumeni uzongenele­la. Uma samukelwa lesi sincomo, ikhomishin­i ithi kufanele sivale isikhala se-NSFAS.

-Ikhomishin­i ibeke isincomo sokuthi akuqedwe ngemali yokubhalis­ela ukufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa