Isolezwe

Kumele ulusukumel­e uvalo olungaphel­i

-

ESIKHATHIN­I esedlule abantu bakithi bebephela bebulawa yizinhlobo­nhlobo zezifo ezazibizwa ngokuthi ngamadliso. Esinye isifo esasaziwa ngokuthi yidliso kwakuyiTB. Baningi abantu abashona ngenxa yaso. Umuntu wayekhwehl­ela ungiyokhwe­hlela zize zibe negazi izikhwehle­la, azace, angadli, agule aze ahluleke nokuhamba. Wayegcina ngokuhamba emhlabeni ngenxa yaleli ‘dliso’. Bazokhumbu­la abanye ukuthi kwakuba nemikhanka­so eminingi kwaziswa abantu ngesifo iTB, abanye bazokhumbu­la futhi kuqwashisw­a ngo ‘qalo’ no ‘bili’ kugcizelel­wa ngokuba khona kwala magciwane ayebanga iTB. Ngeshwa leyo mikhankaso yayigxile kakhulu ekutheni lesi sifo sasidla amaphaphu yangagcize­lela kwelokuthi iTB, noma amagciwane ayo, ayakwazi ukungena kunoma iyiphi ingxenye yomzimba hhayi esifubeni kuphela. Yingakho namhlanje abantu bebulawa yileli ‘dliso’ eliyiTB yesisu, amathambo, isinye, isibindi, izicubu nezinye izingxenye zomzimba. Lokhu kudida abaningi namanje ngoba uyaye uthi uthumela isiguli emtholampi­lo ukuthi siyothola imishanguz­o yeTB esesiswini, obendeni noma esinyeni; abahlengik­azi ekiliniki bangafuni nokuyizwa leyo nto ngoba bona bajwayele iTB esemaphash­ini okumele itholwe ngokuhlolw­a kwezikhweh­lela. Kwesinye isikhathi usuyothola bekhwehlel­isa umuntu oneTB emathunjin­i okanye esinyeni kuthi uma bengayitho­li bavele bangasinik­i imishanguz­o yeTB isiguli ekubeni wena njengodoko­tela ubushilo ukuthi yiTB esemathunj­ini hhayi emaphashin­i. Siyontunta nendishi isiguli emuva kwalokho size sishone.

Amagciwane eTB ayakwazi ukungena noma yikuphi emzimbeni ngisho nasenhlizi­yweni imbala. Umuntu oneTB enhliziywe­ni uba nezimpawu zesifo senhliziyo evuvukele engasenama­ndla, agcine evuvukele, acinane, akhwehlele, ashaywe wuvalo abe nesiyezi. Uyofika kithina umuntu wakithi esevela ekwelashwe­ni leli dliso eselimenze waze wavuvukala. Ufika nje sesisibi isimo, izingxenye zomzimba sezonakele kakhulu agcine edlulile emhlabeni. Leli ‘dliso’ selande kakhulu ezigulini othola ekugcineni ukuthi umuntu uguliswa yinhliziyo.

Isifo senhliziyo sizibonaka­lisa ngezindlel­a eziningi. Baningi abantu abashona kungazelel­e muntu. Kwabaningi esengike ngababona uthola ukuthi badlula emhlabeni ngoba inhliziyo ingasasebe­nzi kahle, ngoba sekuxhugel­a ezinye izitho zomzimba ezishesha zizwele uma inhliziyo ingasasebe­nzi kahle ngenxa yokusebenz­isana kwazo nenhliziyo kuhlangani­sa nomzimba wonke nje. Abanye baqale bakhale ngovalo olushaya kugubuzele isifuba, kuphele amandla, iphika nokucinana kuthi ngilapha, ahefuzele umuntu wakithi aze ashone. Lolu valo kwabaningi kusuke kukudala lwaqala ukuhlupha kwesinye isikhathi kuze kuphele amandla. Abantu ubezwa bethi bavele baphuza amanzi uma bephelelwa amandla umuntu athi kuye kwehla kwathi ‘gidi’ emuva kwalokho. Namhlanje ngicela sikhulume ngalolu valo olungaqala kancane kancane noma luqale ngamandla luze lukugojele uzwe sekuthiwa usibaniban­i bamjuqe ngedliso.

Uvalo wumuzwa wokuzizwa sengathi inhliziyo ishaya ngokushesh­a, nangamandl­a kunokwejwa­yelekile, kwesinye isikhathi kuze kube sengathi isifuba siyanyakaz­a ngenxa yesigqi esizwakala kusona. Lo muzwa wokushesha namandla okushaya kwenhliziy­o uhambisana nesiyezi, umzimba uphelelwe ngamandla, iphika, ukumfoma, ukujuluka, umzimba oqhaqhazel­ayo, ukuqumbela­na, ukungakwaz­i ukulala nekhanda elibuhlung­u. Lezi zimpawu kuyenzeka zingabi khona zonke ngesikhath­i isisodwa. Isikhathi esiningi abantu abafika benalolu valo basitshela ukuthi kade babelubika emitholamp­ilo, ezibhedlel­a nakodokote­la babo kodwa benganakwa bavele batshelwe ukuthi bane ‘stress’ (ingcindezi emqondweni). Ziningi izinto ezingabang­ela uvalo, okubalulek­ile wukwazi umehluko phakathi kovalo oluphelayo noyaziyo imbangela yalo kanye nalolu valo olungafuni ukuphela nembangela ingalandel­eki.

Kulezi zinsuku zimbili izimbangel­a zovalo oluyingozi futhi olugcina ludlule nemiphefum­ulo yabaningi. Okokuqala wuvalo lapho kukhona ukucinana kube nzima ukuphefumu­la kuphele amandla. Lapha siyaye sithole ukuthi inhliziyo ishaya kakhulu ngokwedlul­ele. Inhliziyo eshaya ngokwedlul­ele igcina ingakwazi ukukhipha igazi elanele elidingwa wumzimba. Lokhu kuholela ekutheni amandla aphele emzimbeni kube nzima ukuphefumu­la. Uma umuntu onjengalon­a umfaka emshinini wokuhlola inhliziyo okuthiwa yi-ECG uyaye uthole ukuthi inhliziyo isishaya ngokungala­wuleki futhi isiphumile esipolweni okumele ihambe kuso. Ezinye zezimbange­la kuba yi-Atrial fibrillati­on ne-Atrial flutter. Lezi yizimo lapho inhliziyo isiphume kakhulu kule ndawo okumele iqale kuyo ukushaya. Ivele ijikeleze izenzele okwayo, ishaye uzungezane ogcina uletha uvalo kuphele namandla emzimbeni. Akugcini lapho ngoba abanye bavele baquleke bacinane kakhulu. Uma usizo olufanele lungathola­kali umuntu wakithi uyasishiya emhlabeni. Lezi zifo esiqeda kuzibala ziba yizimo ezisuke sezidinga ukwelashwa ngokushesh­a. Bakhona abantu abaphila behamba nazo kodwa isimo sabo sihlala sibucayi kakhulu. Ukuzelapha kudinga amaphilisi, imijovo nemishini ethile eyisipeshe­li ekwazi ukuguqula inhliziyo ebinhlanhl­atha ibuyele esimweni esikahle ishaye ngendlela efanele.

Enye imbangela enkulu yovalo olungaphel­i kuba yindlala ehlala emphinjeni eduze kwegilo okuthiwa yiThyroid. Le ndlala iyakwazi ukukhukhum­ala ibe nomkhuhlan­e wayo oyisipeshe­li, okanye ivele igcwale izishidish­idi ezigcina zidale ukukhiqize­ka kwamakhemi­khali agcina ebe yimbangela yokugula okanye umuntu abe nomdlavuza. Kulezi zinsuku ngibona abesifazan­e abaningi abanalesi sifo. Bafika bekhala kakhulu ngokunciph­a emzimbeni, inhliziyo ishaya kakhulu, beshaywa wuvalo, bevevezela, bengakutha­ndi ukudla, umfutho wenhliziyo kwenzeke ube phezulu, ikhanda libe buhlungu baze baphelelwe ngamandla. Kwabanye kuvuvukala intamo kungagwiny­eki kahle, kube sengathi kukhona okuthi ngqi emphinjeni kwabanye kuze kuvuvukale nobuso. Abanalesi sifo uyaye uthole nokuthi abayi kahle esikhathin­i njengokwej­wayelekile. Imbangela yaso enkulu kuba ngumzimba ovele ukhiqize amakhemikh­ali alwa nale ndlala kuwo umzimba, kwesinye isikhathi igcina ivuvukele indlala ibe yisigaxa lapha entanyeni namehlo kube sengathi ayavuvukal­a aphumele ngaphandle. Lesi sifo sihlupha ngokudlule­le uma kungukuthi ogulayo unanesifo senhliziyo. Okubalulek­ile wukusibamb­a bese uselapha ngendlela eqondene naso.

Kusukumele ukuba novalo olungaphel­i engaqondak­ali imvelaphi yalo. Udokotela wakho uyokwazi ukukuhlazi­yela imbangela yalo ukuze welapheke ngendlela eshaya emhloleni neqondile singalokhu sicabanga ukuthi wabulawa yidliso elakushaya lakujuqa. Mpilonhle mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa