I-Arrows ifuna ukuvuka ngeBucs

Isolezwe - - EZEMPILO - MINENHLE MKHIZE

ILAMONTVILLE Golden Arrows ifuna ukuvuka nge-Orlando Pirates emdlalweni wayo olandelayo we-Absa Premiership.

Abafana Bes’thende basazikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa imidlalo emibili ilandelana. Baguqiswa yiPirates ngo 1-0 wegoli likaThabo Qalinge kwiTelkom Knockout, kwathi kusenjalo bathelwa othulini yiSuperSport United ngo 3-0.

I-Arrows ihlezi endaweni yesibili kwi-log. NgoLwesibili oluzayo izodudulana neBucs e-Orlando Stadium, eSoweto, emdlalweni weligi ozoqala ngo-7.30 ebusuku. UNduduzo Sibiya exoxa neSolezwe ngemuva kokusiza i-Arrows ukuthi ibudluze AmaZulu ngo 5-0 kwiMultiChoice Diski Challenge, ubalule ubumqoka bokuvuka ngePirates.

“Umdlalo wePirates ubalulekile kakhulu ukuthi sinqobe ukuze sizojabulisa abalandeli bethu. Njengamanje sesidlale imidlalo emibili ilandelana singawini, okungeyona into emnandi. Yinto engasiphethe kahle singabadlali. Sifuna ukuthola amaphuzu ukuze sizoqhubeka nomgqigqo wethu omuhle esiqale ngawo isizini,” kusho uSibiya.

I-Pirates idonsa ngodilizi kwazise yagcina ukunqoba kwiligi ngoSepthemba 19 ngesikhathi ibhekene neCape Town City. Leli qembu selidlale imidlalo emine yeligi lingawini.

“Ngeke sigxile kakhulu kwiPirates. Sizodlala ngendlela esijwayele ukudlala ngayo. I-Pirates yiqembu elikhulu kodwa asilesabi, kunalokho siyabahlonipha. Ifomu yethu enhle uma sibhekene namaqembu amakhulu emidlalweni yeligi iyona enginika ithemba lokuthi sizokwazi ukubuya namaphuzu. Isizini isephansi futhi amanye amaqembu awakahlangani.

“Lesi ke yisona isikhathi sokuqoqa amaphuzu. Ngomzuliswano wesibili amaqembu asuke esephapheme futhi eselwela amaphuzu ngezinhloso ezahlukene. Yisikhathi esihle sokudlala namaqembu anjengoPirates njengoba isazama ukuhlangana,” kusho uSibiya.

Ngesizini edlule i-Arrows ingene kwiTop 8 sekuvalwe amehlo.

“Kumqoka ukusebenza kusakhanya. Ngesizini edlule siqale kahle kodwa sigcine sesilwela ukungena kwiTop 8. Njengamanje sisaqoqa amaphuzu abalulekile. Asifuni ukuphindwa yisimo sangesizini edlule lapho siqede isizini sesinengcindezi yokungena kwiTop 8. Ukuqoqa amaphuzu manje kuzosibeka endaweni enhle yokuthi kuthi kuyophela isizini sibe sesingenile kwiTop 8,” kusho uSibiya.

USibiya isikhathi esiningi uqala ebhentshini kule sizini kwazise ubekade elimele.

“Okwamanje angikafiki ezingeni lami. Ngisabanjwe wukulimala kodwa ngiyabuya kancane kancane. Ukulimala kuthe ukungikhinyabeza kodwa ngiyakhula umdlalo nomdlalo njengoba sengiluleme,” kusho uSibiya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.