UMthokozisi ukhaliswa ngabamzondayo

Isolezwe - - IZINDABA - NOKUBONGWA PHENYANE

INSIZWA yaKwaMashu, uMthokizisi Ndaba, uthi uma angase angasithathi isicoco ngeSonto, ohlelweni ama-Idols lokho kuyomphatha kabi.

Oyedwa phakathi kwakhe noPaxton Fielies waseKapa uzohamba nesicoco salo nyaka kulolu hlelo.

UPaxton(17) uma engasithatha lesi sicoco kungaqopheka umlando njengoba engaba ngowokuqala omncane ukuhlabana ngaso.

Ekhuluma neSolezwe uMthokozisi uveze ukuthi uthukile futhi akulaleki njengoba esehlezi ecabanga ngokuzokwenzeka ohlelweni lokugcina ngeSonto. “Angifuni ukuqamba amanga emphefumulweni angiphilile, sengihlala ngicabanga njengoba sekufinyelelwe emaphethelweni. Indlela abanye abantu abakhombisa ukungangithandi ngayo nenzondo abanayo ngami ezinkundleni zokuxhumana, ingehlise umoya,” kuchaza uMthokozisi.

Uthe unethemba lokuthi abalandeli bakhe bazoqhubeka nokufaka amavoti njengoba bebenza. “Nginethemba elikhulu ngesifundazwe sakithi ukuthi ngeke singibhekisele phansi. Indlela abangivotele ngayo ingenze ngafika la ngikhona manje. SA Mina ngangizitshele ukuthi uma ngifinyelele esigabeni sabalishumi ngiyobe ngenze kahle ohlelweni kodwa manje bheka ngikuphi.”

Ukuya eLondon ngesonto eledlule, uthe kumsize kakhulu njengoba kukhona akufundile ngomlando wakhona.

Isifundazwe saKwaZuluNatali simi ngomumo ukuxhasa uMthokozisi njengoba iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ilokhu ibanxuse njalo abantu ukuthi bavotele le nsizwa.

Nowayengumsakazi kuVuma FM, uJacinta Ngobese ulokhu ebanxuse njalo abantu ukuthi bavotele uMthokozisi ukuze isicoco salolu hlelo sihlale eKZN.

Ukuvotwa kulolu hlelo kuzovalwa kusasa ngo-10 ebusuku. Ozowina uzothola imiklomelo eyahlukene okukhona kuyo uhlobo lwemoto yakwaFord, izimpahla zakwaTruworths, nesheke lemali elikhishwe ibhange lakwaCapitec.

Isithombe: MZANSI MAGIC

USELINDE usuku lwangeSonto uMthokozisi Ndaba njengoba kugoqwa uhlelo akade eyingxenye yalo ama-Idols SA. UMthoko uthi abantu abaqhubeke nokumvotela ukuze akhale amuke nesicoco

UMTHOKOZISI noPaxton abazoqhudelana okokugcina ohlelweni ama-Idols ngeSonto THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.